Isolezwe

Kushoda R7 billion emxhakeni wakwaSars obekumele uqoqwe

- BONISWA MOHALE

I-SOUTH African Revenue Service (Sars) iqoqe uR1. 216 trillion okusho ukuthi ishode ngoR7 billion imali akade kufanele iyiqoqe.

Ngokusho kukaNgqong­qoshe wezeziMali, uMnuz Nhlanhla Nene, iSars ibizimisel­e ngokuqoqa uR1. 217 trillion. Uthe iSars ibuyisele kubantu uR234.3 billion.

Intela ekhokhwa ngabantu ifake uR462.5 billion (38%) wemali eqoqwe yiSars, kwathi iValue Added Tax (Vat) yangenisa uR297.8 billion (24.5%) emalini eqoqiwe.

Intela yamabhizin­isi ingenisa uR220.2 billion (18.1%) emalini eqoqwe yiSars bese kuthi intela yempahla engena ezweni nephumayo yangenisa uR49.4 billion (4.1%).

UNene udonse ngendlebe abantu ukuthi bakhokhe intela ngoba u-90% wesabeloma­li sezwe bawuthatha enteleni.

Isikhulu sakwaSars esibambile, uMnuz Mark Kingon sitshele abezindaba ukuthi abantu bayawuland­ela umthetho wokukhokhw­a kwentela yingakho iSars ikwaze ukuqoqa imali engaka.

Uthe abantu abazizele bona ukuzosho ukuthi balondoloz­a imali kwamanye amazwe, bangenise intela kaR2.9 billion.

Uveze ukuthi bangu-2 024 abantu ababefake izicelo zokuxolelw­a ngokungash­o ukuthi balondoloz­a imali kwamanye amazwe, bakwazi ukuqoqa intela yaba ngu-827 kulabo abatshala imali yabo kwamanye amazwe.

Osomabhizi­nisi bakuleli abadumile bangenisa uR8 billion wentela.

UKingon ukhale ngosomabhi­zinisi abangayiqo­qi intela yezimpahla iVAT kanjalo neyePay as you Earn (PAYE).

Ubonge abasebenzi abangu-13 500 bakwaSARS athe bayibambe ishisa yize le nhlangano ibiyehlelw­a yisithunzi.

Ucele abantu ukuthi bangayibal­ekeli intela ngoba ibalulekil­e ukuze kuthuthuki­swe izwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa