Isolezwe

Imibono yabahlaziy­i kolwesikaM­aimane

- BONISWA MOHALE

ANGASE asibange nomunye umholi isikhundla sokuhola iDA uMnuz Mmusi Maimane.

Abahlaziyi bepolitiki bakusho lokhu emuva kokuthi uSotswebhu weDA, uMnuz John Steenhuise­n, ebhale incwadi egxeka ukuphakany­iswa kokuthi uMaimane anikwe ihlandla lesibili lokuhola leli qembu.

Uthe uMaimane akufanele anikezwe ihlandla lesibili ngoba uzomosha iqembu njengoba kwenze obengumeng­ameli we-ANC uMnuz Jacob Zuma ohlale isikhathi eside ephethe.

USolwazi Bheki Mngomezulu ongumhlazi­yi wepolitiki ozinze eWestern Cape, uthe incwadi kaSteenhui­sen iveza imizwa yamanye amalungu eDA ngoba kukhona adla ngoludala nalawo ahambisana nomgqigqo.

“Lawo adla ngoludala afuna kunikezwe amalungu amadala eDA ithuba lokuhola kuthi lawo ahambisana nomgqigqo afune uMaimane azoheha intsha nabamnyama. UMaimane wakhethwa ukuze anxenxe intsha nabavoti abamnyama. Ukwenzile lokho yingakho ephinde waphakanyi­swa,” kusho uMngomezul­u.

Uthe kuyakhatha­za okwenzeka kwiDA ngoba kuhlala obala ukungaboni ngaso linye phakathi kwabamhlop­he nabamnyama.

“Kuyacaca ukuthi abaholi abamnyama bayasetshe­nziswa ukuthi bahehe abavoti abamnyama nentsha ngoba noNksz Lindiwe Mazibuko wahamba sekumuncu nakhu manje banyakazis­a uNkk Patricia De Lille, ngeke asale ngaphandle noMaimane,” kusho uMngomezul­u.

Uveze ukuthi naseThekwi­ni umholi weDA uMnuz Zwakele Mncwango ukhalile ngokukheth­wa kobuholi obumhlophe bodwa esho nokuthi kufanele kube khona zonke izinhlanga ebuholini obuphezulu beDA.

Mayelana nodaba lokuthi kunamagats­ha asemalokis­hini angeke avunyelwe ukuya engqungqut­heleni, uMngomezul­u uthe ngebhadi uma kuzoba nengqungqu­thela kazwelonke akusiwo wonke amagatsha aya kuyo ngisho kwi-ANC kuye kucwaningw­e ukuthi igatsha lisesimeni esinjani.

“Ukungavuny­elwa kwamagatsh­a ukuthi aye engqungqut­heleni kwenzeka kuwo wonke amaqembu epolitiki. Ngebhadi kungase kwehlise isibalo sabantu abaseka abaholi abamnyama abasekwa kakhulu elokishini. Kunikeza abamhlophe abalandeli abaningi. Bekungakuh­le ukuthi uSolly Msimanga abe nguSihlalo weFederal Council okuyisikhu­ndla asibanga no-Athol Trollip. Phela iFederal Council igcwele kakhulu abamhlophe,” kusho uMngomezul­u.

Omunye umhlaziyi wepolitiki ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, uthe kunoqhekek­o kwiDA oluhambisa­na nokucwasan­a ngokobuhla­nga.

“I-DA iya engqungqut­heleni kazwelonke ibhekene nenkinga yoqhekeko oluhambisa­na nobuhlanga lapho abaholi abamnyama befuna iqembu libe nazo zonke izinhlanga kodwa abamhlophe abayizwa kahle le nto. USolly Msimanga ungene ngamabomu embangweni kaFederal Chair. Asazi-ke ukuthi uzophumele­la yini ngoba kusekhona abamhlophe abafuna kube nabaholi abamhlophe kwiDA,” kusho uKhumalo.

Uthe iDA kufanele iluphathe ngobunono udaba lwamagatsh­a asemalokis­hini ngoba ukungavuny­elwa kwawo ukuthi aye engqungqut­heleni kusho ukuthi abaholi abavela emalokishi­ni bazongena sebexhugel­a benabaland­eli abancane.

“UMaimane wayenikwe umyalelo wokufaka iDA ebantwini wayifaka yingakho isigcwele emalokishi­ni. Uma sekuthiwa abantu basemaloki­shini abavumelek­ile engqungqut­heleni kuthanda ukuba nzima ngoba kwenza iDA kube sengathi ayizazi ukuthi ifunani,” kusho uKhumalo.

 ??  ?? MMUSI MAIMANE
MMUSI MAIMANE
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa