Isolezwe

Sekusungul­we iqembu elisha elihlubuke kwiNFP

- MLUNGISI GUMEDE

I-NFP izoya okhethweni lukazwelon­ke ngonyaka ozayo ixhugela ngemuva kokuthi sekukhona elinye iqembu elihlubuke kuyona elisungulw­e ngabanye abaholi abake baba yizithenjw­a zikaNkk Zanele Magwaza-Msibi.

Leli qembu elisha iNational Peoples Front (NAPF) eselibhali­siwe nakwa-IEC limatanisw­a noMnuz Bheki Gumbi oke waba nguSihlalo weNFP, eGoli.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, uGumbi nguyena osekhaleni ekusungulw­eni kweNAPF.

Ethintwa uGumbi izolo uphike wama ngentaba ukuthi kukhona ulwazi analo ngokusungu­lwa kweqembu elisha. “Nami ngiyayizwa inkulumo ethi engathi kuneqembu elihlubuke kwiNFP elisungulw­a ngamalungu enhlangano anganeme ngesimo seqembu ngemuva kokugula kukaMengam­eli uNkk Zanele Magwaza-Msibi,” kusho uGumbi.

Uthe kungenzeka ukuthi lezi zinsolo ziyiqiniso ngoba baningi abantu abanovalo ngekusasa leNFP.

“Nami ngingomuny­e wabantu abakhathaz­ekile ngesimo seqembu, abantu abaningi bathuke kakhulu ngekusasa leqembu ngemuva kokubuyisw­a kwabaholi abebexoshi­we benhlangan­o uMnuz Maliyakhe Shelembe noSolwazi Nhlanhla Khubisa abebesolwa ngokudicil­ela iqembu phansi ngokuhlule­ka ukuqinisek­isa ukuthi liyalungen­ela okhetho lohulumeni bezindawo ngo-2016,” kusho uGumbi.

Uthe amalungu amaningi anovalo lokuthi ukubuya kwalaba baholi kuzophazam­isa imizamo ebiyenziwa yokuzama ukuhlenga iqembu.

“Iqembu lezombusaz­we liphilela izinto ezintathu. Okokuqala ukungenela ukhetho, linqobe bese liba nguhulumen­i noma iqembu eliphikisa­yo. Uma ukhetho lungasalin­geneli kusho ukuthi ikusasa lalo alikho,” kusho uGumbi.

UMnuz Canaan Mdletshe okhulumela uNkk MagwazaMsi­bi uthe kuningi abakuzwayo okubalwa nakho ukusungulw­a kweqembu elisha okuthiwa lihlubuke kwiNFP.

“Siyayizwa leyo nkulumo kodwa ngeke size siphawule ngezinto esizizwa zikhulunyw­a emgwaqweni,” kusho uMdletshe. Ukusungulw­a kweNAPF kusho ukuthi asemabili amaqembu ahlubuke kwiNFP ngemuva kokusungul­wa futhi kwe-Academic Congress Union (ACU) esungulwe nguMntwana uMzonjani Zulu naye oke waba yisethenjw­a sikaNkk Magwaza-Msibi. I-ACU ingenele ukhetho lohulumeni basekhaya ngo-2016, yakwazi ukuzuza amakhansel­a amathathu e-Eastern Cape.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa