Baphume inqina kuphela amasonto kunyamalele uthisha
SEKUNGENELE umphakathi odabeni lokunyamalala kukathisha waseJozini, osekuzophela isonto lesithathu efunwa.
Kusukela ngesonto eledlule umphakathi uphume inqina uthungatha uMnuz Xolani Mathenjwa, onguthisha wasekuHlehleni Primary owanyamalala ngoMashi 15. Kuthiwa wanyamalala eyohlangana nomngani wakhe esuka ekuHlehleni eya esigodini KwaMagwanga.
Kuthiwa ekhaya wathi uyohlangana nomngani wakhe, abebezoya naye eMozambique.
UMnuz Thembani Ntshangase oyisihlobo sikathisha, uthe bakhungathekile njengoba ungekho umkhondo oholela ekutheni bamthole.
“Umngani okuthiwa wayeya kuyena uthe bagcina ukushayelana ucingo ngezithuba zabo 11 emini, uXolani ethi akasayiboni indlela, uyaduka. Ngokusho kukamngani wakhe wayefuna ukuyomhlangabeza kodwa naye akafikanga kuyena,” kuchaza uNtshangase.
Uthe indawo ayeya kuyo iqhele ngamakhilomitha angu--40 kilometres lapho ayesuka khona. UNtshangase uveze ukuthi sebecele umphakathi ukuthi ungenele, uzame ukufuna umkhondo kathisha. NgoLwesine umphakathi uye kobheka le ndawo anyamalala kuyo okuthiwa isehlathini futhi iseduze nesiqiwi.
UMnuz Roman Mathenjwa ophethe izinduna ekuHlehleni, uthe lubakhathazile lolu daba lukathisha.
“Sihlanganile nomphakathi ngoLwesine sayobheka, sabuya silambatha. Sihlele ukuthi siphindele ngoMgqibelo siyomthungatha. Sihlele nokuthi sihlangane nezinduna namakhosi kuzo zonke izigodi ezithintekayo ukuze sibone ukuthi senze njani ngale ndaba,” kusho uMathenjwa.
Isolezwe lithole ukuthi umngani kathisha useke waphoswa imibuzo ngamaphoyisa njengoba anyamalala eya kuye. Naye uyazihlangula ekutheni uyazana nokunyamalala kwakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenantColonel Thulani Zwane uthe bayazi ngokunyamalala kukathisha kodwa namanje akakatholakali. Ucele ukuthi abanolwazi ngomkhondo bathintane namaphoyisa.