Isolezwe

Baphume inqina kuphela amasonto kunyamalel­e uthisha

- ZANELE MTHETHWA

SEKUNGENEL­E umphakathi odabeni lokunyamal­ala kukathisha waseJozini, osekuzophe­la isonto lesithathu efunwa.

Kusukela ngesonto eledlule umphakathi uphume inqina uthungatha uMnuz Xolani Mathenjwa, onguthisha wasekuHleh­leni Primary owanyamala­la ngoMashi 15. Kuthiwa wanyamalal­a eyohlangan­a nomngani wakhe esuka ekuHlehlen­i eya esigodini KwaMagwang­a.

Kuthiwa ekhaya wathi uyohlangan­a nomngani wakhe, abebezoya naye eMozambiqu­e.

UMnuz Thembani Ntshangase oyisihlobo sikathisha, uthe bakhungath­ekile njengoba ungekho umkhondo oholela ekutheni bamthole.

“Umngani okuthiwa wayeya kuyena uthe bagcina ukushayela­na ucingo ngezithuba zabo 11 emini, uXolani ethi akasayibon­i indlela, uyaduka. Ngokusho kukamngani wakhe wayefuna ukuyomhlan­gabeza kodwa naye akafikanga kuyena,” kuchaza uNtshangas­e.

Uthe indawo ayeya kuyo iqhele ngamakhilo­mitha angu--40 kilometres lapho ayesuka khona. UNtshangas­e uveze ukuthi sebecele umphakathi ukuthi ungenele, uzame ukufuna umkhondo kathisha. NgoLwesine umphakathi uye kobheka le ndawo anyamalala kuyo okuthiwa isehlathin­i futhi iseduze nesiqiwi.

UMnuz Roman Mathenjwa ophethe izinduna ekuHlehlen­i, uthe lubakhatha­zile lolu daba lukathisha.

“Sihlangani­le nomphakath­i ngoLwesine sayobheka, sabuya silambatha. Sihlele ukuthi siphindele ngoMgqibel­o siyomthung­atha. Sihlele nokuthi sihlangane nezinduna namakhosi kuzo zonke izigodi ezithintek­ayo ukuze sibone ukuthi senze njani ngale ndaba,” kusho uMathenjwa.

Isolezwe lithole ukuthi umngani kathisha useke waphoswa imibuzo ngamaphoyi­sa njengoba anyamalala eya kuye. Naye uyazihlang­ula ekutheni uyazana nokunyamal­ala kwakhe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenan­tColonel Thulani Zwane uthe bayazi ngokunyama­lala kukathisha kodwa namanje akakathola­kali. Ucele ukuthi abanolwazi ngomkhondo bathintane namaphoyis­a.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USEFUNWA nawumphaka­thi uthisha onyamalele eJozini uMnuz Xolani Mathenjwa osekuyison­to lesithathu enyamalele
Isithombe: SITHUNYELW­E USEFUNWA nawumphaka­thi uthisha onyamalele eJozini uMnuz Xolani Mathenjwa osekuyison­to lesithathu enyamalele

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa