Inkanyezi phakathi kwemijondolo
BAVETEZA isiNgisi zisuka amadaka kwaGrade R abafundi baseCato Crest Primary, eCato Crest, eThekwini, njengoba befundiswa zonke izifundo ngalolu limi.
Lesi sikole esikakwe yimijondolo nezindlu zomxhaso, sizithatha njengalezo ezazingamaModel C (okuyizikole okwakungezabamhlophe) ngokufundisa ngesiLungu, isiZulu kuba wulimi olwengeziwe.
Uthishanhloko waso, uMnuz Qondeni Ntombela, uthe wafika kulesi sikole ezoba nguthisha sisungulwa ngo-2001.
Uthe waba nenhlanhla ngoba ngalowo nyaka wanyuselwa esikhundleni sokuba yinhloko yomnyango, kwathi ngo-2003 waba yiphini likathishanhloko kwathi ngo-2004 waba nguthishanhloko.
Lesi sikole sixube izinhlanga, sinabafundi abamhlophe, abamaNdiya, amaKhaladi, abokufika nabamnyama.
Nothisha baso bahlanganisa zonke izinhlanga.
“Saqala singafundisi isiNgisi njengolimi lwebele, abazali babengazilethi izingane zabo eCato Crest kodwa beya kwezinye izikole ezikwenzinye izindawo njengaseGlenwood. Ngemuva kokucela kwabazali sabe sesinquma ukuthi isikole kumele sifundise isiLungu njengolimi lokuqala,” kusho uNtombela.
Uthe lo mnyakazo wasiza umphakathi wendawo ngoba kuhlala abantu abakhuluma izilimi ezehlukene kule ndawo.
“Silalela umphakathi ukuthi ufunani bese senza lokho. Lokhu kusisiza kakhulu ngoba isikole vele ngesomphakathi, thina sisebenzela wona.”
UNtombela uthe ethatha izintambo abafundi babengu-680 kodwa manje sebengu-2 197.
“Ngendlela isikole esikhulu ngayo sinothisha abangu-60. Abangu-52 bakhokhelwa nguhulumeni kuthi abangu-8 bakhokhelwe yisigungu sabazali. Ngiyazi uzongibuza ukuthi bakhokhelwa kanjani yisigungu sabazali ngoba siyisikole esingakhokhisi imali yokufunda.
“Sicela abazali ukuthi banikele ngoR300 ukuze sikwazi ukubakhokhela. Kule mali sikhokhela nonogada, abahlanza isikole nezinye izidingo ngoba imali esiyinikwa uhulumeni ayenele,” kusho uNtombela.
Uthe lokhu kubasiza kakhulu ngoba bayakwazi ukubhekana nezidingo zesikole.
“Akekho ophoqiwe ukuthi anikele, bakwenza kusuka enhliziyweni. Le mali isiza kakhulu futhi uma kudingeka uthisha aye koqeqeshwa, sikhokhele osuke ebambile ukuze abafundi bangasali bengenathisha,” kusho uNtombela.
Uthe uma sekubhaliselwa unyaka olandelayo bathola inqwaba yezicelo zabazali abasuke befuna izikhala. ngoba ngisuke ngikhona. Noma benezikhalo bayangifica. Lokhu bakuncoma kakhulu ngoba emini basuke besebenza.”
Uthe nakuba bebaningi othisha kodwa nsuku zonke baba nomhlangano ekuseni ngaphambi kokuqala usuku.
“Siqala ngomhlangano, sikhulume nanoma yingani. Sibaningi impela kodwa sihlangana nsuku zonke. Kumele ngibabonge othisha ngokuzinikela kwabo bafika ngesikhathi sibe nomhlangano ngaphambi kokuqala ukufunda ngo-7:20. Sibambisene kahle, akumina engenza izinto zenzeke kodwa yibona njengothisha.”
Uthe njengoba benabafundi abevile ku-2 000, ekilasini elilodwa abafundi babalelwa ku-58 kuthisha ngamunye.
“Kunzima kothisha ukufundisa isibalo esingaka sabafundi ekilasini elilodwa. Ngokomthetho kumele ngabe bangu-35 abafundi kuthisha kodwa baningi.
“Uma kunjalo uthola ukuthi kukhona uthisha ofika engaphathekile kahle. Ngoba bayazinikela, kunemadlana esiyibiza ngeyekhofi, lapho sikhiphela lapho abasuke umoya wabo uphansi sibayise eMusgrave beyophuza ikhofi.
“Lokhu kuyasiza kakhulu ngoba babuya sebenomdlandla yingakho kubalulekile ukuthi abazali banikele.”
UNtombela uthe bayabagqugquzela abafundi ukuthi benze kahle ngokuthi babanike izitifiketi njalo uma kuphela ikota.
“Sibanika izitifiketi labo abenza kahle kuwona wonke amabanga. Lokhu kuyasisiza kakhulu ngoba bayakhuthala ukuthi benze kahle,” kuqhuba uNtombela.
Uthe abafundi babo benza kahle nasemidlalweni efana ne-tennis, ibhola,netball ne-chess.
“Sinomfundi owenza kahle wangenela imincintiswano wawina kwi-tennis. Njengoba kunendawo ye-tennis eseduzane sibayisa khona badlale khona. Kunomqeqeshi nje obaqeqesha kwi-tennis.”
Ubonge kakhulu umphakathi ukuthi njengoba kunothisha bezinye izinhlanga, akekho oseke wavelelwa yisehlo esibi njengokuthi abanjwe inkunzi noma ahlukumezeke njengoba kukhona asebeqede iminyaka eyevile ku-10 befundisa kulesi sikole.
Abafuna ukuba kule ngosi bangathumela imininingwane ku:isolezwe@inl.co.za