Isolezwe

Ingwadla yabazali bezingane ezine-autism

- ZANELE MTHETHWA

ABAZALI bezingane ezine-autism basazithol­a belahliwe ngenxa yokuthi azamukelwa ezikoleni. Yize kukhona izikole zezingane ezinokukhu­bazeka, akuzona zonke ezamukela izingane ezineautis­m . Inhlangano i-Autism South Africa isiqale umkhankaso wokuzama ukusiza abazali abanenking­a zokungazit­holi izikole. Ekhasini leFacebook lale nhlangano, abazali baveze intukuthel­o yabo ngokungana­kwa kwezingane ezi ezine-autism. Bakhala ngokungazi­tholi izikole, abanye bathi bafakwa ohlwini lwabalindi­le, bagcine bengazitho­lile izikhala. Owesifazan­e waKwaZulu-Natal onengane eneminyaka engu-10, uthe usephoqele­ke ukuyihlali­sa ekhaya ngoba ayamukelwa. Uthi wagqigqa ezikoleni engaluthol­i usizo, bemtshela ukuthi bathatha izingane ezijwayele­kile.

Abazali bahlukene phakathi, abanye bathi akumele ziye ezikoleni. Omunye obhale kuleli khasi uthe akakukhuth­azi ukuthi izingane zifakwe ezikoleni ngoba abafundisa khona abaqeqeshe­kile ukubhekana nezingane ezine-autism. Uthe ingane yakhe eneminyaka engu16 wayifunela ozoyigada ekhaya ukuze ingahlukun­yezwa ngezinye izingane ngoba zingasiqon­di isimo sayo.

UNkk Sandy Klopper onguMqondi­si we-Autism South Africa, uthe abakuleli abakasiqon­di lesi simo. Uthe kumele kufundiswe zinyanga zonke ngaso, hhayi uma kunomkhank­aso kuphela.

“Abantu abasiqondi lesi simo. Sithola izingcingo nsuku zonke abazali bekhononda ngokungazi­tholi izikole,” kusho uNkk Klopper.

Kuthiwa okwenza i-autism ingaqondak­ali, wukuthi ivela ngezindlel­a ezahlukene. Ezinye izingane zithatha kancane ngokomqond­o, ezinye zibe nodlame zingakwazi nokudlala nezinye. Lokhu kwenza ziphile zodwa, zingakwazi ukuphila impilo ejwayeleki­le yokudlala nezinye izingane.

Kuthiwa zingaphezu kuka-7 000 izingane ezizalwa zinalesi simo ngonyaka.

Ukujabulis­a izingane ezineautis­m, isitolo samathoyiz­i iToy Kingdom, sizokwenza i-Autisim Hour kusasa kusukela ngo-9 ekuseni. Kuzonikezw­a amathoyizi izingane ezine-autism ukuzijabul­isa esitolo eSandton, eCanal Walk eCape Town naseBallit­o. Kuzobe kunabasebe­nzi abaqeqeshi­we ukubhekana nezingane ezinaso, bazinikeze namathoyiz­i eziwafanel­e.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa