Azifundiswe umsebenzi izingane
IMPILO yesimanje yenza ukuthi imisebenzi yasendlini yenziwe ngabaqashelwe ukusiza, okwenza izingane zigcine zingasakwazi ukuzenzela.
Yize sekwande indaba yo-“anti” abasizayo emakhaya, ongoti bathi kuhle ukuthi izingane zifundiswe imisebenzi yasendlini ukuze zifunde ukuzimela. Bathi lokhu kuyasiza ekutheni uma kwenzeka ingane iyohlala yodwa ikwazi ukuzibambela kuyo yonke imisebenzi yasendlini.
Uma kukhulunywa ngokufundisa izingane imisebenzi yasendlini, abanye bazibuza ukuthi kumele ziqale nini ukufundiswa.
Ungoti kwezezingane nongumsunguli we-website iLove and Logic, uNksz Jim Fay, uthe izingane kumele zinikezwe imisebenzi. Umndeni kumele uhlanganyele kukho konke. Ukwenza imisebenzi yasendlini ndawonye kungenye yezinto eziwuhlanganisayo umndeni.
Umbhali wencwadi ethi Raising Good Kids In Tough Times, uSolwazi Roger McIntire, uthe yonke ingane kumele ikwazi ukuzenzela imisebenzi yasendlini. Lokhu kuyifundisa ukuzimela ukuze ikhule ikwazi ukuzibambela.
UNksz Bongiwe Gumede, onezingane zamantombazane ezineminyaka ewu-11 no-14, uthe uyazifundisa yize kukhona osizayo ekhaya. Waqala kancane kancane ukwenza lokhu.
“Mina ngakhula ngikwazi ukuzenzela yonke into, nokupheka ngakuqala ngineminyaka ewu-14. Izikhathi zishintshile manje kodwa ngisakholelwa ekutheni ingane ifundiswe imisebenzi yasendlini, ikakhulukazi eyentombazane. Ngisho eyomfana kumele ikwazi ukupheka ngoba kungenzeka iyohlala kude nekhaya, kudingeke izibambele,” kusho uNksz Gumede.
Uthe ezinganeni zakhe uqala ngokuzifundisa ukugeza izitsha okuyikona okulula, bese zilungisa umbhede.
“U-anti ukhona kodwa ngabafundisa ukuthi uma bebuya esikoleni baziwashele amashethi esikole. Uma beqeda ukudla bayaziwashela izitsha. Ukupheka ebengingakabafundisi kodwa lona omdala useyakwazi ukungigadela ibhodwe uma ngiphekile.”
NgokukaSolwazi McIntire, nakhu okumele ukwenze uma ufundisa izingane imisebenzi yasendlini.
Ungalindeli umlingo Yazi ukuthi kuzothatha isikhathi ukuthi ingane ikwazi ukwenza yonke into ngendlela efanele. Uyakugxeka ukuthi uma ingane ingayenzisisanga into bese umzali eyazenzela ngoba kuzokwehlisa ukuzethemba.
Ungalindi isikhathi Asikho isikhathi noma iminyaka efanele yokufundisa ingane imisebenzi yasendlini. Ungacabanga ukuthi ingane isencane kanti isingakwazi ukuzenzela. UMcIntire uthe kuningi okungenziwa yingane endlini ngisho isencane, okubalwa ukuqoqa uma kuqedwa ukudla.
Unganqeni ukuncoma Uma kukhona ingane ekuzamile, unganqeni ukuncoma. Ukuncoma ingane kuyinika umdlandla ukuthi nayo iqhubeke nokusiza endlini.
Sizanani endlini Uma kukhona okwenzayo, jwayela ukucela izingane zikusize. Uma ubhaka amakhekhe makube khona ingane ezokwenza noma okuncane. Uma seniqedule yincome ngokuthi nikwenze nonke ndawonye. Izingane zifunda ngokwenza nangokubona.