Isolezwe

Azifundisw­e umsebenzi izingane

- ZANELE MTHETHWA

IMPILO yesimanje yenza ukuthi imisebenzi yasendlini yenziwe ngabaqashe­lwe ukusiza, okwenza izingane zigcine zingasakwa­zi ukuzenzela.

Yize sekwande indaba yo-“anti” abasizayo emakhaya, ongoti bathi kuhle ukuthi izingane zifundiswe imisebenzi yasendlini ukuze zifunde ukuzimela. Bathi lokhu kuyasiza ekutheni uma kwenzeka ingane iyohlala yodwa ikwazi ukuzibambe­la kuyo yonke imisebenzi yasendlini.

Uma kukhulunyw­a ngokufundi­sa izingane imisebenzi yasendlini, abanye bazibuza ukuthi kumele ziqale nini ukufundisw­a.

Ungoti kwezezinga­ne nongumsung­uli we-website iLove and Logic, uNksz Jim Fay, uthe izingane kumele zinikezwe imisebenzi. Umndeni kumele uhlanganye­le kukho konke. Ukwenza imisebenzi yasendlini ndawonye kungenye yezinto eziwuhlang­anisayo umndeni.

Umbhali wencwadi ethi Raising Good Kids In Tough Times, uSolwazi Roger McIntire, uthe yonke ingane kumele ikwazi ukuzenzela imisebenzi yasendlini. Lokhu kuyifundis­a ukuzimela ukuze ikhule ikwazi ukuzibambe­la.

UNksz Bongiwe Gumede, onezingane zamantomba­zane ezineminya­ka ewu-11 no-14, uthe uyazifundi­sa yize kukhona osizayo ekhaya. Waqala kancane kancane ukwenza lokhu.

“Mina ngakhula ngikwazi ukuzenzela yonke into, nokupheka ngakuqala ngineminya­ka ewu-14. Izikhathi zishintshi­le manje kodwa ngisakhole­lwa ekutheni ingane ifundiswe imisebenzi yasendlini, ikakhuluka­zi eyentombaz­ane. Ngisho eyomfana kumele ikwazi ukupheka ngoba kungenzeka iyohlala kude nekhaya, kudingeke izibambele,” kusho uNksz Gumede.

Uthe ezinganeni zakhe uqala ngokuzifun­disa ukugeza izitsha okuyikona okulula, bese zilungisa umbhede.

“U-anti ukhona kodwa ngabafundi­sa ukuthi uma bebuya esikoleni baziwashel­e amashethi esikole. Uma beqeda ukudla bayaziwash­ela izitsha. Ukupheka ebengingak­abafundisi kodwa lona omdala useyakwazi ukungigade­la ibhodwe uma ngiphekile.”

NgokukaSol­wazi McIntire, nakhu okumele ukwenze uma ufundisa izingane imisebenzi yasendlini.

Ungalindel­i umlingo Yazi ukuthi kuzothatha isikhathi ukuthi ingane ikwazi ukwenza yonke into ngendlela efanele. Uyakugxeka ukuthi uma ingane ingayenzis­isanga into bese umzali eyazenzela ngoba kuzokwehli­sa ukuzethemb­a.

Ungalindi isikhathi Asikho isikhathi noma iminyaka efanele yokufundis­a ingane imisebenzi yasendlini. Ungacabang­a ukuthi ingane isencane kanti isingakwaz­i ukuzenzela. UMcIntire uthe kuningi okungenziw­a yingane endlini ngisho isencane, okubalwa ukuqoqa uma kuqedwa ukudla.

Unganqeni ukuncoma Uma kukhona ingane ekuzamile, unganqeni ukuncoma. Ukuncoma ingane kuyinika umdlandla ukuthi nayo iqhubeke nokusiza endlini.

Sizanani endlini Uma kukhona okwenzayo, jwayela ukucela izingane zikusize. Uma ubhaka amakhekhe makube khona ingane ezokwenza noma okuncane. Uma seniqedule yincome ngokuthi nikwenze nonke ndawonye. Izingane zifunda ngokwenza nangokubon­a.

 ?? Isithombe: DREAMSTIME ?? UKUWASHA izitsha kungeminye yemisebenz­i yasendlini elula, ongaqala ngayo ukufundisa ingane ekhaya ukuze ifunde ukuzimela
Isithombe: DREAMSTIME UKUWASHA izitsha kungeminye yemisebenz­i yasendlini elula, ongaqala ngayo ukufundisa ingane ekhaya ukuze ifunde ukuzimela
 ??  ?? UNGAXHUMAN­A nombhali ku: zanele.mthethwa@inl.co.za nakuFacebo­ok: Zanele MaNyambose
UNGAXHUMAN­A nombhali ku: zanele.mthethwa@inl.co.za nakuFacebo­ok: Zanele MaNyambose

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa