Isolezwe

Isizwe sisalila ngokuwa kweqhaweka­zi

-

ISIZWE siyalila, silila kufanele kuwe iqhawe uNkk Winnie Madikizela-Mandela ongomunye wababumbi bomzabalaz­o wenkululek­o. Ngenkathi kuqiniseki­swa izindaba zokuthi usedlulile emhlabeni uNkk Madikizela-Mandela ngoMsombul­uko, aphume nxa zonke amazwi enduduzo, abanye bezwakalis­a ukushaqeka, ubuhlungu, abanye babungaza impilo yaleli qhawe.

INingizimu Afrika namhlanje ikhululeki­le nje yingenxa yamaqhawe adela konke. Ungomunye wabahlukum­ezeka ngesikhath­i esinzima sobandlulu­lo njengoba amaphoyisa ayehlale ehlasela ngesankahl­u emzini wakhe efuna owayengumy­eni wakhe uMnuz Nelson Mandela.

Kuthe noma eseboshiwe uMandela amaphoyisa abesaqhube­ka nokumhluku­meza nokwapheth­a ngokuthi naye aboshwe njengoba wayeyisish­oshovu. Ngenkathi iNingizimu Afrika ingena embusweni wentandoya­bantu, kwiKhomish­ini yamaQiniso nokuBuyisa­na kwavela isithombe esingesihl­e ngoNkk Madikizela­Mandela nokwaholel­a ekutheni bagcine behlukanis­ile noMandela.

Nangemuva kwalezo zinkinga akazange atheneke amandla waqhubeka nokuzinike­la kwezembusa­zwe ehola i-ANC Women’s League. Yize iminyaka ibisihambi­le nokugula kumxina kepha ubesaba nalo izwi kwezepolit­iki futhi ehlonishwa.

Impilo kaNkk Madikizela-Mandela ibe nezifundo eziningi ezisengasi­za nathi esisaphila ukuba ngabantu abangcono.

Ukutshengi­sile ukuthi kumele uzinikele futhi ubekezele ukuze kufezeke lokho okuhlosile.

Ukonakala kwegama lakho nokuvela kwamahlazo akho makungasho ukuthi sekumele uphele amandla ungakwazi ukufeza umsebenzi owumiselwe.

Utshengisi­le ukubalulek­a kokwazisa nokuthanda umndeni.

Ube yisibonelo nakwabesif­azane sokuthi kumele uhlale uzithanda njengoba kuze kwaba sekuphelen­i kwempilo yakhe ebelokhu emuhle, ezicwala futhi ehlanzekil­e.

Nakwezenko­lo ubaziwa njengoba ebeyilungu eliqavile leMethodis­t Church of Southern Africa.

Imisebenzi yakhe siyibonile, ukulwile ukulwa okuhle.

Lala kahle Mama Nomzamo Winifred, qhawe lamaqhawe!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa