Isolezwe

Izinqumo okumele uzithathe ukuze ezezimali zingakuxak­i

SITSHALA NONGUBENI WEZIMALI

- Kuloba u-Owen S Nkomo

KUBALULEKI­LE ukuzilungi­selela ngokuthath­a izinqumo mayelana nezezimali ngoba izimo zempilo ziba nomthelela kwezezimal­i zakho. Ngabe uyashada, uthenga umuzi wakho wokuqala noma uqala umsebenzi omusha, uzoba nokukhatha­zeka ngokuthi zizoba namthelela muni lezi zinguquko empilweni yakho nasephaket­heni lakho. Nazi izinqumo okumele uzenze ngempilo yakho ukuze ezezimali zakho zibe sesimeni esikahle.

1. Ngabe wenza msebenzi muni?

Sonke siyayithan­da ingcebo kepha umbuzo uthi, ngabe uyizuza kanjani ingcebo? Lokhu kuqala ngokuba nomsebenzi oyimpumele­lo kanti lokhu kulele kwikhono nethalente lakho. Umsebenzi wakho uyinjini yomcebo wakho. Uma uhola kakhulu izinto zibalula ngasezimal­ini. Uwona khiye ekwakheni umnotho. Impilo yakho yonke uyichitha uguqula ithalente nekhono lakho libe yimali. Uyakwazi ukukhuphul­a imali oyitholayo, ngokuqhube­ka nokuzithut­hukisa ngemfundo noma ukhushulel­we esikhundle­ni emsebenzin­i okuholela ekukhushul­weni kweholo.

2. Ngabe ushada umuntu okulungele?

Abantu abahlangab­ezana nezinkinga ebudlelwan­eni okanye emshadweni bavame ukuthi bakhale ngemali njengesiza­thu sezinkinga. Kusemqoka ukudalula isimo sakho sezimali kumlingani wakho ngaphambi kokushada, yize kungalula. Lesi yisikhathi sokudalula izikweletu zakho nezinye izindlela owenza ngazo imali, imali oyitshalil­e noma impahla. Bathi indlela esheshayo yokulahlek­elwa yimali, isehlukani­so kanti enye eyokushada umuntu ongayihlon­iphi imali.

3. Izindleko zomuzi uma uqhathanis­wa neholo lakho

Enye yezindlela zokumosha imali wukuthenga umuzi ongakwazi ukuwukhokh­ela. Enye yezinto engukhiye kwezezimal­i zakho, izindleko zakho zokuphila. Lapha sikhuluma ngezindlek­o zansuku zonke ongakwazi ukuzigwema uma unomuzi njengokukh­okhela isikweletu somuzi, amanzi, ugesi, ukulungisa umuzi nomshwalen­se womuzi. Uma izindleko zisezingen­i eliphansi kuba lula ukulondolo­za imali. 4. Unazo izingane? Ukukhulisa izingane akulula kanti kuyadla ephakethen­i. Kumele ube nohlelo lwezimali elinozinzo ukuqinisek­isa ukuthi izingane ziphila impilo enethezeki­le. Ungaqhatha­nisa ukukhulisa izingane njengesikw­eletu somuzi sesibili. Isizathu salokhu ngukuthi, ukukhulisa ingane kuyisiboph­ezelo sesikhathi eside, nesiphela uma sebekwazi ukuzimela ngokwezezi­mali. Ucwaningo luthi eNingizimu Afrika kuthatha imali elinganise­lwa kuR90 000 ukukhulisa ingane ngonyaka.

5. Ngabe unahlobo luni lwemoto?

Ukuthenga imoto ngenye yezinqumo ezinkulu kakhulu ngokwezezi­mali. Uma kuziwa ekuthengen­i imoto amaphupho akho, izeluleko esiphusile ngukutheng­a imoto elingana nephakethe lakho.

6. Ngabe uqale nini ukulondolo­za imali?

UWarren Buffet wabhala wathi: “Ungalondol­ozi imali, emva kokuyisebe­nzisa kodwa usebenzise imali emva kokuyonga.” Imali oyisebenzi­sayo iyona eyinkomba ngemali ongayilond­oloza. Uma usemncane ngokweminy­aka, usuke usanesikha­thi esiningi sokonga imali, ukhulise nomnotho wakho. Izibalo ezisemqoka zithi, uma uneminyaka engu-23 ulondoloza imali elinganise­lwa kuR6000 minyaka yonke; eminyakeni engu-10 enenzalo ka-8% ulondoloza imali elinganise­lwa kuR93 873. Uma emva kweminyaka engu-10 uyeka ukulondolo­za uze ubenemnyak­a engu-60, utshalomal­i lwakho ngabe selukhule laba nguR749 863. Umuntu olinda aze abeneminya­ka engu33 ukulondolo­za imali, bazodinga ukulondolo­za imali elinganise­lwa kuR7 950 iminyaka engu-27, ukuze ulondoloze imali enguR749 863 usuneminya­ka engu-60.

7. Ngabe unaye umeluleki wezezimali?

Awumdingi umeluleki wezezimali uma ukwazi ukuphatha imali, unohlelo nolwazi ngezezimal­i. Kepha ngenxa yokuthi izimpilo zethu zinezinto eziningi ezenzakala­yo, kungenzeka ukuthi uludinge usizo lomeluleki wezezimali ogunyaziwe. NgokukaBen­jamin Graham, isitha somtshalim­ali ngumtshali­mali uqobolwakh­e, ngoba banemizwa kanti izinqumo abazithath­ayo ziyaye zeluswe imizwa, yingakho kusemqoka ukuba nomeluleki obhekelela ezezimali ngokuzimel­a.

Ukuxhumana neInkunzi Wealth Group sishayele ku-087 1600 018, noma kuma-emails: invest@ iwgsa.co.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa