Masingaphangi umdaka kolomhlaba
MHLELI: Ake ngiphonse umbono mayelana nokuthi umhlaba awubuyele kubanikazi bawo okuyindlu emnyama. Nakuba ngivumelana nabasho kanjalo kodwa ngifuna ukuphuma eceleni kancane kulolu daba.
Kumele uhulumeni ngaphansi koMnyango wokuBuyiswa koMhlaba asinikeze isibalo somhlaba ongaphansi kwabamnyama nokuthi ngabe uyakhiqiza yini noma uhlezi awenzi lutho, ngabe umphakathi uyazuza yini ngawo? Kumele uhulumeni asinikeze isiqiniseko sokuthi bakhona abantu bethu asebeqeqeshwe ngokwanele ukuthi bangahweba ngenhlabathi bathuthukise umphakathi.
Lolu cwaningo lungakenziwa ngiyesaba ukuthi sithi abelungu mabawubuyise kanti asikulungele ukuwusebenzisa ngendlela efanele. Sekuke kwavela ezindabeni amapulazi anikezwe thina eselele ukhula, ogandaganda sebafa bagqitshwa yisikhotha, ababenikezwe lowo mhlaba abasatholakali. Thina ndlu emnyama, kodwa hhayi sonke, siphuthuma emalini kungakafezeki lokho imali ekhishelwe khona. Ngeke walala uvuke ngakusasa usuwumlimi. Kudingeka ikhono kukho konke okwenzayo bese ulandelisa ngothando lwaleyo nto. Abanye umhlaba bawudingela ukwakha imijondolo. Ngiyavuma abantu bafuna izindawo zokwakha kodwa cabanga sesidla ipulazi elikhiqiza izimbuzi noma iziklabhu bese sakha imijondolo.
Mina ngithi kusamele senze ucwaningo kahle singatatazeli. Bambalwa abalimi esingathi bangazibambela uma benikwa ithuba lokusebenzisa umhlaba ngendlela engazuzisa umphakathi. Kangisho ukuthi ngiyabeya abantu bakithi kodwa ngithi masingaphangi umdaka linganile izulu. Kunezindawo esezidliwe nezisazodliwa. Kwesezidliwe ngibona kwakhiwa imizi emihle ebizayo kodwa sazi kahle ukuthi akusiyona indawo yethu siyithathe ngokungemthetho. Ubona sekufika umnikazi wendawo ezishaya phansi izindlu, sikubonile lokho eGoli.
Ngaphambi kokudla umhlaba masibonisane nohulumeni ukuze asibonise ukuthi sizowudla kanjani. .