Isolezwe

Iziboshwa ziz

- NOKUBONGWA PHENYANE

ZIZOCELA uxolo bukhoma kuthelevis­hini iziboshwa ezenza okubi emindenini ehlukene kuleli, ohlelweni olusha oluthi Yobe, oluzoqala ku-1Magic, ngoMgqibel­o ngo-8, ebusuku.

Lokhu kuqiniseki­swe okhulumela uMzansi Magic, uNondumiso Mabece, njengoba ngesonto eledlule beveze uhlu lwezinhlel­o ezintsha eziqala kuMzansi Magic naku-1Magic.

UNondumiso uthe, kusuka ngempelaso­nto kuzoqala izinhlelo ezintsha kulesi siteshi, ezizobe sezibonaka­la kuMzansi Magic kusuka ngoMsombul­uko kuze kube uLwesine ngo-8, ebusuku.

“Sijabule ngalolu hlelo esingangab­azi ukuthi luzothokoz­elwa abaningi kuleli futhi lube usizo nesifundo emiphakath­ini esihlala kuyo. Kulolu hlelo kuzobonaka­la iziboshwa ezingaphak­athi ejele esezifake isicelo sikashwele. Ngaphambi kokuthi ziphume zizofuna ukuhlangan­a nemindeni ukuze zixolise,” kusho uNondumiso.

Uthe lolu hlelo kuzobonaka­la iziboshwa ezenza izinto ezehlukene okukhona kuzo ezabulala, ezadlwengu­la nezenza ubugebengu obehlukene emphakathi­ni.

“USiyabonga Twala uyena ozoba umethuli walo njengoba aphinde abe ngomunye wabasungul­i balo,” kusho uNondumiso.

Khonamanja­lo lesi siteshi sesinxuse abantu bakuleli ukuthi bayeke ukuqopha iziqephu zezinhlelo ezehlukene ezikhonjis­wa ku-1Magic kuqala, ngaphambi kokubonaka­la kuMzansi Magic.

Lokhu kulandela ukuthi muva nje iziqephu zohlelo Uthando

 ??  ?? UTSHATHA osekuvele izindaba zokuthi uphakathi kwabalingi­si bomdlalo Imbewu ozoqala ku-e.tv ngesonto elizayo
UTSHATHA osekuvele izindaba zokuthi uphakathi kwabalingi­si bomdlalo Imbewu ozoqala ku-e.tv ngesonto elizayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa