Isolezwe

ULe Soul uthi amaciko awazimaket­he ayeke ukuqhosha nganakho

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMSAKAZI weGagasi FM ophinde abe nguDJ wasezindaw­eni zobumnandi, uDJ Le Soul, weluleke abantu ngokuthi kumele bakhangise ngemiseben­zi yabo ezinkundle­ni zokuxhuman­a kunokugabi­sa ngezinto abanazo.

ULe Soul wethula uhlelo iMidday Shandis ngokubambi­sana noFelix Hlophe noFlymotio­n njalo ngo-12 kuya ku-3 emini phakathi nesonto. Muva nje ubeseMiami eyothamela inkundla yokucobele­lana ngolwazi kwezomculo yaminyaka yonke, iMiami Music Conference.

“Ngesikhath­i ngifika bengibhala ukuthi ngikuphi. Abantu bangale bavele bangibuza ukuthi ngingakuph­i, kusukela kubathwebu­li kuya kubahleli bemicimbi.

“Ngagcina sengiqashw­a emicimbini emine ukuthi ngiyodlala khona,” kusho uDJ Le Soul.

Uqhube wathi: “Ibhizinisi ezinkundle­ni zokuxhuman­a yilona elibalulek­ile.

“Abantu kumele bazi kakhulu ngomsebenz­i wakho hhayi ukubaqhosh­ela ngezinto osunazo.”

Uthe uyabuyela maduze phesheya kwezilwand­le ngoba abakhona bawulambel­e umculo wakuleli.

“Bathanda kakhulu igqom’ ngoba yinto entsha kubo futhi yehlukile. UBlack Coffee uyifakile i-Afro House.”

ULe Soul kulezi zinsuku umatasa uphusha i-albhamu yakhe yokuqala i-Unorthodox Sounds enezingoma eziyisishi­yagaloluny­e. Kuyo upike abantu abehlukene okubalwa uLungi, Freeman, Triggger, Bizzer noButter.

“Ngibheke ukuthi ngiyiphush­e kuze kuphele unyaka.

“Angiziboni ngikhipha kulo nyaka nangozayo, ngiyayethe­mba ukuthi iseqophelw­eni eliphezulu.”

Uveze nokuthi weneme ngohlelo lwabo emsakazwen­i ngoba nesibalo sabalaleli siyakhula kwazise sebenabala­leli abalingani­selwa ku-943 000.

 ??  ?? UMSAKAZI weGagasi FM uDJ Le Soul uthi izinkundla zokuxhuman­a ngezokumak­etha hhayi ukugabisa ngezinto onazo
UMSAKAZI weGagasi FM uDJ Le Soul uthi izinkundla zokuxhuman­a ngezokumak­etha hhayi ukugabisa ngezinto onazo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa