Isolezwe

U-DJ Boonu nengoma entsha sha

- FANELESIBO­NGE BENGU

UZISHAYA isifuba ngokuseben­za noNtando Duma owadalula ukuthi akazimisel­e ngokungena agamanxe emculweni uDJ waseThekwi­ni, uBoonu, okhiphe ingoma entsha ethi Abangani Bami.

UNtando, ozakhele udumo ethula izinhlelo ku-e.tv futhi elingisa kwiRhythm City, wayeshisa izikhotha ngoDisemba ngengoma ethi Jaiva Phezu Kombhede ayeyicula noBabes Wodumo.

Ekuqaleni konyaka utshele Isolezwe ukuthi akaziboni eba ngumculi.

U-Andile “DJ Boonu” Chili waseMlaza nokho ukwazile ukumshints­ha umqondo njengoba ethi kunezingom­a ezimbili abazenzile.

“Angithi mina ngiyisoka. Ngisebenzi­se ubusoka ngakwazi ukumjika

umqondo. Ngixhumane naye ngamchazel­a,” kusho uDJ Boonu.

Ngaphandle kukaNtando, uphinde wapika noMadanon, Duncan kanti umculi kamaskandi uJaiva Zimnike udlala isigingci. Itholakala ezitolo zomculo ze-internet njenge-iTunes.

Ngonyaka odlule uBoonu ukhiphe ingoma eyayithand­wa ngabaningi ethi Uswidi Wodwa ayepike kuyo Igcokama Elisha noMadanon.

“Isitayela sokusebenz­a nabaculi bakamaskan­di ngisiqale ngoba ngifuna ukuqhamuka nento ehlukile. Angifuni kuthiwe uzenza bani. Yingakho futhi uma ngidlala ungizwa ngidedela umaskandi, igqom’ nekwaito.”

Uthe ingoma yakhe ikhuluma ngokuhloni­pha abantu besifazane ngokuthi uma abantu besilisa bethenge iziphuzo akusho ukuthi kumele bahambe nabo.

UBoonu uveze ukuthi uzozwa ngomphakat­hi ukuthi ayikhiphe yini i-albhamu ephelele.

“Ikhona enye ingoma engiyenze noNtando nomculi wase-Afrika engingeke ngimdalule. Ngizolande­lisa ngayo,” kusho uBoonu.

Lo DJ uqale ukudijeya ngo2009 kanti ngo-2011 ubenguDJ weBig NUZ. Waqala ephethe onogada eMangosuth­u University of Technology ejwayele ukubuka

abanye bedlala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa