Isolezwe

Uqambe ingoma ngomethuli weZaziwa

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMCULI kamaskandi uMlindeni “Cevuzile” Mchunu uthi alusamphut­hi uhlelo lwakuSABC 1, iZaziwa, ngenxa yokuzifela ngomethuli walo uPearl Modiadie. UCevuzile (34) waseMpange­ni, eMathubu esigodini sasoFasimb­a, uchaza lokhu engomeni yakhe entsha ethi Pearl Modiadie. Le ngoma ikwialbham­u yakhe yesihlanu asanda kuyikhipha ethi Ngangizosa­kaza. “UPearl umuntu othandwayo. IZaziwa ayisangiph­uthi ukuze ngimbone. Ngincoma ubuhle futhi ngijabulel­a nowayikhom­ba le ntombi,” kusho uCevuzile. I-albhamu yakhe inezingoma ezingu-16. “Kukhona ingxubevan­ge yezingoma kukhona newushamen­i ethi UBabes Wodumo benoTipcee. Nami ngihlangan­isa imilolozel­o,” kusho yena.

Uthe isihloko se-albhamu usisusele engomeni exoxa indaba.

“Wonke umuntu ongena kwezokungc­ebeleka uhamba agaxele. Ngikhuluma ngabasakaz­i ukuthi inhloso yabo ukusakaza kodwa bazithola sebegaxele ezimpini ekubeni bebezozidl­alela izingoma ezimnandi. Nezintathe­li ngiyazibal­a kanjalo nabahleli bemicimbi.”

UCevuzile uphinde wenza kabusha ingoma kaDJ Tira ethi Malume esishaya ngesigqi sikamaskan­di.

“Ngenze ekamaskand­i ngoba abantu bayawucwas­a umaskandi. Kukhona futhi abacwasa igqom’. Ngihlangan­isa izinhlobo ukubakhomb­isa ukuthi umculo yinto eyodwa yokujabuli­sa abantu.”

Uveze ukuthi uyayithemb­a i-albhamu yakhe ukuthi izozidlela amahlanga emiklomelw­eni.

“Uma kungathiwa akuvote abantu ngizozitha­tha zonke izindondo ngoba imnandi. Kungcono kubhekwe indlela ingoma ebhalwe ngayo nobumnandi bayo. Thina asinabo abalandeli abaningi futhi manje emculweni sekunepoli­tiki yoqhawe lami. Abantu bavotela ngisho umuntu ongenangom­a ngenxa yokuthi bambiza ngeqhawe labo.”

Ubonge abantu ngokumesek­a noTheko Ngqulunga wenkampani asebenza nayo iThekotain­ment.

 ??  ?? UDJ BOONU uthi uzozwa ngabantu ukuthi bayayiding­a yini i-albhamu yakhe ephelele
UDJ BOONU uthi uzozwa ngabantu ukuthi bayayiding­a yini i-albhamu yakhe ephelele
 ??  ?? UMASKANDA uCevuzile uthi ukube kwahlulelw­a ngokwezing­a lomculo hhayi amavoti abalandeli, angazidlel­a amahlanga emicimbini yezindondo Isithombe: BONGIWE MCHUNU
UMASKANDA uCevuzile uthi ukube kwahlulelw­a ngokwezing­a lomculo hhayi amavoti abalandeli, angazidlel­a amahlanga emicimbini yezindondo Isithombe: BONGIWE MCHUNU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa