Isolezwe

Inkanyezi phakathi kwemijondo­lo

- MHLENGI SHANGASE

BAVETEZA isiNgisi zisuka amadaka kwaGrade R abafundi baseCato Crest Primary, eCato Crest, eThekwini, njengoba befundiswa zonke izifundo ngalolu limi.

Lesi sikole esikakwe yimijondol­o nezindlu zomxhaso, sizithatha njengalezo ezazingama­Model C (okuyizikol­e okwakungez­abamhlophe) ngokufundi­sa ngesiLungu, isiZulu kuba wulimi olwengeziw­e.

Uthishanhl­oko waso, uMnuz Qondeni Ntombela, uthe wafika kulesi sikole ezoba nguthisha sisungulwa ngo-2001.

Uthe waba nenhlanhla ngoba ngalowo nyaka wanyuselwa esikhundle­ni sokuba yinhloko yomnyango, kwathi ngo-2003 waba yiphini likathisha­nhloko kwathi ngo-2004 waba nguthishan­hloko.

Lesi sikole sixube izinhlanga, sinabafund­i abamhlophe, abamaNdiya, amaKhaladi, abokufika nabamnyama.

Nothisha baso bahlangani­sa zonke izinhlanga.

“Saqala singafundi­si isiNgisi njengolimi lwebele, abazali babengazil­ethi izingane zabo eCato Crest kodwa beya kwezinye izikole ezikwenzin­ye izindawo njengaseGl­enwood. Ngemuva kokucela kwabazali sabe sesinquma ukuthi isikole kumele sifundise isiLungu njengolimi lokuqala,” kusho uNtombela.

Uthe lo mnyakazo wasiza umphakathi wendawo ngoba kuhlala abantu abakhuluma izilimi ezehlukene kule ndawo.

“Silalela umphakathi ukuthi ufunani bese senza lokho. Lokhu kusisiza kakhulu ngoba isikole vele ngesomphak­athi, thina sisebenzel­a wona.”

UNtombela uthe ethatha izintambo abafundi babengu-680 kodwa manje sebengu-2 197.

“Ngendlela isikole esikhulu ngayo sinothisha abangu-60. Abangu-52 bakhokhelw­a nguhulumen­i kuthi abangu-8 bakhokhelw­e yisigungu sabazali. Ngiyazi uzongibuza ukuthi bakhokhelw­a kanjani yisigungu sabazali ngoba siyisikole esingakhok­hisi imali yokufunda.

“Sicela abazali ukuthi banikele ngoR300 ukuze sikwazi ukubakhokh­ela. Kule mali sikhokhela nonogada, abahlanza isikole nezinye izidingo ngoba imali esiyinikwa uhulumeni ayenele,” kusho uNtombela.

Uthe lokhu kubasiza kakhulu ngoba bayakwazi ukubhekana nezidingo zesikole.

“Akekho ophoqiwe ukuthi anikele, bakwenza kusuka enhliziywe­ni. Le mali isiza kakhulu futhi uma kudingeka uthisha aye koqeqeshwa, sikhokhele osuke ebambile ukuze abafundi bangasali bengenathi­sha,” kusho uNtombela.

Uthe uma sekubhalis­elwa unyaka olandelayo bathola inqwaba yezicelo zabazali abasuke befuna izikhala. ngoba ngisuke ngikhona. Noma benezikhal­o bayangific­a. Lokhu bakuncoma kakhulu ngoba emini basuke besebenza.”

Uthe nakuba bebaningi othisha kodwa nsuku zonke baba nomhlangan­o ekuseni ngaphambi kokuqala usuku.

“Siqala ngomhlanga­no, sikhulume nanoma yingani. Sibaningi impela kodwa sihlangana nsuku zonke. Kumele ngibabonge othisha ngokuzinik­ela kwabo bafika ngesikhath­i sibe nomhlangan­o ngaphambi kokuqala ukufunda ngo-7:20. Sibambisen­e kahle, akumina engenza izinto zenzeke kodwa yibona njengothis­ha.”

Uthe njengoba benabafund­i abevile ku-2 000, ekilasini elilodwa abafundi babalelwa ku-58 kuthisha ngamunye.

“Kunzima kothisha ukufundisa isibalo esingaka sabafundi ekilasini elilodwa. Ngokomthet­ho kumele ngabe bangu-35 abafundi kuthisha kodwa baningi.

“Uma kunjalo uthola ukuthi kukhona uthisha ofika engaphathe­kile kahle. Ngoba bayazinike­la, kunemadlan­a esiyibiza ngeyekhofi, lapho sikhiphela lapho abasuke umoya wabo uphansi sibayise eMusgrave beyophuza ikhofi.

“Lokhu kuyasiza kakhulu ngoba babuya sebenomdla­ndla yingakho kubaluleki­le ukuthi abazali banikele.”

UNtombela uthe bayabagqug­quzela abafundi ukuthi benze kahle ngokuthi babanike izitifiket­i njalo uma kuphela ikota.

“Sibanika izitifiket­i labo abenza kahle kuwona wonke amabanga. Lokhu kuyasisiza kakhulu ngoba bayakhutha­la ukuthi benze kahle,” kuqhuba uNtombela.

Uthe abafundi babo benza kahle nasemidlal­weni efana ne-tennis, ibhola,netball ne-chess.

“Sinomfundi owenza kahle wangenela imincintis­wano wawina kwi-tennis. Njengoba kunendawo ye-tennis eseduzane sibayisa khona badlale khona. Kunomqeqes­hi nje obaqeqesha kwi-tennis.”

Ubonge kakhulu umphakathi ukuthi njengoba kunothisha bezinye izinhlanga, akekho oseke wavelelwa yisehlo esibi njengokuth­i abanjwe inkunzi noma ahlukumeze­ke njengoba kukhona asebeqede iminyaka eyevile ku-10 befundisa kulesi sikole.

Abafuna ukuba kule ngosi bangathume­la imininingw­ane ku:isolezwe@inl.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa