Senyusiwe isabelomali sokuhlinzeka abeTheku
UMASIPALA weTheku uzofeza izidingo zezakhamuzi zaleli dolobha ngesabelomali sikaR45.8 billion kulo nyaka.
Lezi zindaba zivezwe yiMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede ngeledlule ethula isabelomali esihlongozwayo.
Ngokwesitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba, isabelomalikulindeleke ukuthi siphasiswe ngokusemthethweni ngoMeyi 31 bese siqala ukusebenza ngoJuni uma neMeya isisiphasisile.
UNkk Gumede uthe ngokwesabelomali, nyakenye bebenoR37.2 billion ngonyaka wezimali ka-2017/2018, bathola uR38.7 billion ngonyaka wezimali ka-2018/19, ngonyaka ka-2019/20 babeke eceleni uR41.7 billion bese ngonyaka ka-2020/21 babe noR45.2 billion.
Uthe ukunyuka kwesabelomali kudalwa wukunyuka kwezindleko zokulungisa ingqalasizinda, ukulethela abantu izidingo osekuphele iminyaka bengazitholi abale kuzo ugesi namanzi kanjalo nokwenyuka kwamaholo.
Umasipala uzochitha uR7 billion ezinhlelweni zentuthuko, ezoshintsha indlela iTheku elibukeka ngayo.
Kulindeleke ukuthi ngo-2020/21 ukuthuthukiswa kwengqalasizinda nokulethwa kwezidingo kubantu kudle uR17.3 billion okusho ukuthi izonyuka ngo-79%.
UNkk Gumede uthe uR2.2 billion umasipala zokwakha izindlu ezintsha uphinde ulethe izidingo kubantu abahlala emijondolo.
UMnuz Krish Kumar, oyiPhini leMemenja kaMasipala weTheku kwezezimali uthe zikhona izingqinamba ngenxa yokuthi abantu abaningi bathutheleka eThekwini ngoba befuna impilo engcono.
Ubalule ukuthi umasipala unesibalo esiphezulu sabantu abangasebenzi nabangazitholi izidingo okubalwa ugesi namanzi ngenxa yokuthi baningi kakhulu abantu abeza edolobheni.
Uthe bazoheha abatshalizimali abazongenisa uR100 billion eThekwini ngokuthuthukisa ingqalasizinda yezokuvakasha.
Bahehe izivakashi ezingu-5.5 million ezizochitha uR12 billion emicimbini bese umnotho uhlomule ngoR900 million uma zithenga imikhiqizo yaseThekwini. UKumar uthe ngeke bakhohlwe ngabalimi nosomabhizinisi abancane.
Ugesi kulindeleke ukuthi unyuke ngo-6.84% kulo nyaka njengoba u-Eskom ezowunyusa ngo-7.32%.
UMasipala weTheku uwuthenga kwa-Eskom ugesi bese uwudayisela izakhamuzi zawo.
Amanzi wona azonyuka ngo-15% emakhaya no-15.5% kosomabhizinisi. UKumar uthe uma abaseMngeni Water bewanyusa nabo bazobheka ukuthi kufanele bawanyuse kangakanani ngenxa yokuthi bawaphakelwa eMngeni Water amanzi.
Izindleko zokuthuthwa kukadoti zizonyuka ngo-9.9% kanjalo nezokukhucululwa kwamanzi asemathoyilethe bese ama-rates anyuke ngo-6.9%.
Uthe abampofu, abadala, izingane ezihlala zodwana nabakhubazekile ngeke bakhokhele ama-rates uma imizi yabo ingaphansi kukaR460 000 kodwa uma ibiza ngaphezu kwalokhu bazoqala bakhokhe ama-rates ancishisiwe.
Imizi ebiza uR230 000 ngeke ikhokhelwe ama-rates kuthi leyo ebiza uR230 000 ikhokhe amarates kaR120 000.
Abadala abanemizi ebiza uR4 million bazokwehliselwa amarates abo uma behola uR7 000 ngenyanga. UKumar uthe bazoqasha osonkontileka abenza i-plumbing abangu-1 389.
“Sinabasebenzi abangu-1 500 abahlanza izindlu zangasese sizoqasha abangu-50 kulo nyaka nosonkontileka abangu-366 ezindaweni zasemakhaya abazoqasha abantu abangu-1 770 abazoqoqa udoti.
“Kunabafundi abaneziqu zobunjiniyela abaqashwe ngaphansi kohlelo lwamanzi. Siqashe abantu abangu-753 kwaDurban Solid Waste ngaphansi kohlelo lwe-Extended Public Works Programme (EPWP). Sifuna babe ngu-23 484 abantu abasebenza kwiEPWP kulo nyaka wezimali ka-2018/19,” kusho uKumar.
Uthe intsha ibekelwe eceleni uR107.8 million ukuze yenze izinhlelo zayo okubalwa ukulwa nezidakamizwa. Uveze ukuthi kunezikhungo zokuphekela abampofu abangu-520 ngosuku, ezingu-73 osekwengezwe kuzo ezingu-18.
Ezolimo bazibekele uR30.6 million bese izinhlelo zokunakekela abahlukumezekile zibe noR30.6 million.
Ibhasi ethutha abakhubazekile izoxhaswa ngoR11.5 million kulo nyaka.