Isolezwe

UJali uzobuyiswa kuleli inkece

- MINENHLE MKHIZE

UFUNA imali umdlali weBafana Bafana,u-Andile Jali, ongase abuye kwi-Absa Premiershi­p ngesizini ezayo.

Emasontwen­i adlule uJali umemezele ukuthi uyabuya eNingizimu Afrika ngesizini ezayo. Njengamanj­e uyibamba kwi-KV Oostende yaseBelgiu­m.

Inkontilek­a yakhe iyaphela ngoJuni. Imenenja yakhe,uMike Makaab weProSport Internatio­nal, uthe umdlali ufuna inkontilek­a ehehayo.

Phakathi kwamaqembu okuvela ukuthi agaqele uJali kukhona i-Orlando Pirates, Kaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns neCape Town City.

“Wonke amaqembu amakhulu aseke asibuza ngesimo sikaJali kodwa alikho iqembu esisabe nezingxoxo ezisemthet­hweni nalo. Asikenzi lutho okwamanje. UJali ufuna iqembu elizomnika inkontilek­a ehehayo. Ufuna ukuya lapho ezonikwa khona imali enhle ezokwazi ukumenza aphile. UJali useyindoda yomndeni,ushadile manje. Kunokuthi iminyaka yehle uyakhula,” kusho uMakaab.

UJali ushiye kuPremier Soccer League (PSL) ngo-2014. Ubekade egijima kwiPirates adle nayo izicoco ezimbili ze-Absa Premiershi­p, ezimbili zeMTN 8, Nedbank Cup neseTelkom Knockout.

“Akuqinisek­isiwe ukuthi uJali uzobuya. Kusengenze­ka noma yini ngekusasa lakhe. Kusengaqha­muka iqembu laphesheya nesicelo esihehayo sisithathe. Ngakho ngeke ngithi useyabuya. Isikhathi sisesining­i. Ake silinde sibone ukuthi kuzokwenze­kani,”kusho uMakaab.

UJali akadlali kulezi zinsuku eqenjini lakhe ngenxa yokuthi usalimele. Kulindelek­e ukuthi aze abuyele enkundleni ngesizini ezayo. Kuthiwa kungenzeka abuyele kwiSundown­s uma ebuyela eNingizimu Afrika.

“Asikhohlwe yiSundowns okwamanje. Njengoba ngisho akukenzeki lutho,” kusho uMakaab ebalekela umbuzo wokuthi iSundowns yaziwa ngokunika abadlali izinkontil­eka ezihehayo.

UJali uyisithenj­wa kwiBafana. Usedlale imidlalo ewu-44, washaya amagoli amahlanu.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. U-ANDILE Jali angabuyisw­a imali kuphela eNingizimu Afrika njengoba inkontilek­a yakhe iphela eqenjini lakhe laseBelgiu­m
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. U-ANDILE Jali angabuyisw­a imali kuphela eNingizimu Afrika njengoba inkontilek­a yakhe iphela eqenjini lakhe laseBelgiu­m
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weqembu lesizwe lakuleli leSevens Rugby uNeil Powell okubhekwe ukuthi aphinde alihole libuye nendondo kumaCommon­wealth Games aqala namuhla e-Australia
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weqembu lesizwe lakuleli leSevens Rugby uNeil Powell okubhekwe ukuthi aphinde alihole libuye nendondo kumaCommon­wealth Games aqala namuhla e-Australia
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa