IMaritzburg isayibeke eceleni imicabango ngemidlalo yeCAF
AKAFUNI ukuzifakela ingcindezi yokucabanga ngokuyodlala kwiCaf Confederation Cup umqeqeshi weMaritzburg United uFadlu Davids.
ITeam of Choice inethuba lokuqala kwiligi ihlezi endaweni yesithathu.
Phezu kwalokhu iTeam of Choice isanda kuzibekisela indawo kuma-semi final eNedbank Cup.
Izotholana phezulu neMamelodi Sundowns eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu ngempelasonto ka-Ephreli 21/22.
Iqembu eliqede endaweni yesithathu lithola ukuyodlala kwiCaf Confederation Cup nelisuke lidle umhlanganiso kwiNedbank Cup.
IMaritzburg inethuba lokuyodlala e-Afrika ngokuthi ibambelele endaweni yesithathu kuze kuphele isizini noma idle ubhedu kwiNedbank Cup.
“Yebo, siyakuqonda ukuthi ukudla umhlanganiso kwiNedbank Cup nokuqeda endaweni yesithathu kuhamba nebhonasi lokuyodlala kwiCaf Confederation Cup kodwa sinesikwati esincane. Okufanele sikwenze wukucabanga ngemidlalo elandelayo.
Uma ucabanga ngezinto eziphambili kakhulu kunawe ugcina ulahlekelwa ngokuncane onakho.
Kumele silwe nokuqhamuka neqhinga lokumelana nemidlalo enzima elandelayo. Okwamanje asiyiyeke indaba yokuyodlala kwiCaf. Sizocabanga ngayo uma yenzeka,“kusho uDavids. Ngempelasonto iTeam of Choice iguqise iBloemfontein Celtic ngo 2-1 kwi-quarterfinal yeNedbank Cup eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
Amagoli ayo ashaywe nguLebohang Maboe no-Andrea Filiccia, eleCeltic labaselwa enethini nguJacky Motshegwa.
“Angikwazi ukuzishaya isifuba ngokwenza kahle kweqembu ekubeni kungekho okuphathekayo. Njengamanje sesikwi-semi final.
Sekumele sicabange ngokuzibekisela indawo kowamanqamu.Kula masonto amabili adlule sithole inqwaba yezincomo. Wonke umuntu ukhuluma ngathi.
Ngakho kumele sizibekele imigomo yokwenza okungaphezu kwesesikuzuzile manje. Akumele sijabule ngoba asikahlomuli ngalutho,”kusho uDavids.
Namuhla ngo-7.30 ebusuku iTeam of Choice izoshukana neBidvest Wits emdlalweni we-Absa Premiership eBidvest Stadium, eGoli.
“Akumele sikhohlwe wukuthi sibhekene nompetha be-Absa Premiership. Sebebuyelwe yifomu manje. Umdlalo ozoba nzima kodwa sizolwela ukuthola amaphuzu amathathu.”