Isolezwe

Ithemba lendondo kwiBlitzbo­kke e-Australia

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUBHEKWE lukhulu eqenjini lakuleli lamaSevens, iBlitzbokk­e, eliya kumaGold Coast 2018 Commonweal­th Games (GC2018) e-Australia lithwelwe ngeqoma ukwandisel­a iNingizimu Afrika izindondo njengoba kuyilona futhi elivikela isicoco. Imidlalo iyaqala namuhla e-Australia kodwa eyamaSeven­s izoqala ngasekuphe­leni kwenyanga. Ukuqala kwale midlalo kuphahlwe umzuliswan­o weHSBC World Sevens Series waseHong Kong (6-8 Ephreli) noseSingap­ore oqala ngo28 Ephreli.

Kungena indaba yeHSBC Series nje, iBlitzbokk­e izihola phambili ngamaphuzu angu109 ngemuva kwemilenze eyisithuph­a kweyishumi. Kuyiwa e-Australia, iBlitzbokk­e ilale isibili emzuliswan­eni obukhona. Elakuleli limiswe kabi yiFiji endaweni yesibili ngamaphuzu angu-101 kulandele iNew Zealand ngawu-92 bese kuvala i-Australia ngawu-84.

Okucacayo wukuthi kungase kube nzima kwiBlitzbo­kke ngoba wonke la maqembu ayimise kabi kwiHSBC Series akhona womane eGold Coast.

Phakathi kwezizathu abasondele­ne nalolu hlobo lombhoxo abazibeka phambili ukuthi zizoba wusizo kwiBlitzbo­kke wukuthi amaCommonw­ealth Games asezweni leli qembu elinomland­o omuhle kulona. IBlitzbokk­e izovikela isicoco esidle ngo-2014 eScotland okuyizwe elise-Europe kanti leli qembu alijwayele ukudlala khona.

EzikaNeil Powell zinqobe eScotland ngokuguqis­a iNew Zealand ngo 17-14 enkundleni enomlando kunobhutsh­uzwayo i-Ilbrox. Okunye okuhlukile ngalo mqhudelwan­o waseGold Coast ukuthi kuzoqhudel­ana abesifazan­e kumaSevens okokuqala emlandweni wamaCommon­wealth Games. Kowabesifa­zane kunamazwe ayisishiya­galombili azohlukani­swa abe amaqoqo amabili. Kwabesilis­a amazwe angu-16 kanti awakhona amaqoqo azohlukani­swa ngamaqoqo amane. IBlitzbokk­e ifakwe ku-Pool A neScotland, Papua New Guinea neMalaysia. Kwelabesif­azane iqoqo lakuleli lifakwe ku-Pool A lapho lizodudula­na neNew Zealand, Canada neKenya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa