Isolezwe

Uvaleliswe ngesitayel­a umshwibi wamaProtea­s

- MINENHLE MKHIZE

SIVALELISW­E ngesitayel­a isilomo somshwibi wamaProtea­s uMorne Morkel esesithath­a umhlalapha­nsi.

Izolo amaProteas avithize i-Australia ngama-run angu-492 emdlalweni we-Test yokugcina ebiseBidve­st Wanderers Stadium, eGoli. Elakuleli liwine ithosi ngosuku lokuqala laqoka ukubhetha kuqala.

Lishaye ama-run angu-488 seliphume lonke kwi-Innings yalo yokuqala kwathi i-Australia yaphuma yonke isibhale ama-run angu-211 ebhodini. AmaProteas abuyile angena enkundleni kwiInnings yawo yesibili afike ashaya ama-run angu-344 ngemuva kwalokho athi aseyifuna esitikini i-Australia. Ama-Aussies abedinga ama-run angu-624 ukuze anqobe kodwa aphume wonke esenze amarun angu-119.

Lokhu kusho ukuthi elakuleli lishaye i-Australia okokuqala eNingizimu Afrika emidlalwen­i yochungech­unge lwama-Test selokhu labuyiselw­a emidlalwen­i yamazwe ngo-1992. AmaProteas anqobe ngo 3-1 kulolu chungechun­ge lwemidlalo emine yama-Test obeludle ngezigigab­a.

Emdlalweni wayizolo uMorkel ubedlala umdlalo wakhe wokugcina kwelesizwe. Udlale imidlalo engu-86 wahlomula ngamawikhe­thi angu-309. Emidlalwen­i yosuku olulodwa udlale imidlalo engu-117 wathatha amawikheth­i angu-188 kwathi kweyeT20 wathatha amawikheth­i angu-47 emidlalwen­i engu-44.

“Bengingeke ngikwazi ukuthi ngingashwi­bi ngomdlalo wami wokugcina. Ngihlale phansi nodokotela ngamtshela ukuthi akenze noma yini angayenza ukuze ngikwazi ukudlala. Ngeneme ngakho konke. UVern (Vernon Philander) wenze ezibukwayo namuhla ekuseni (esho izolo). Indlela abeke ngayo ibhola ezindaweni eziyingozi ayichazeki. Ngifuna ukubonga wonke umuntu ongesekile. Ngizithoko­zele izinsuku zami zokugcina eqenjini lesizwe. Ngifuna ukubonga umndeni wami ngokungese­ka kule minyaka engu-12 eyedlule,” kusho uMorkel ekhuluma nengwazi yamaProtea­s uShaun Pollock kuthelevis­hini.

UMorkel uqale ukudlala kwelesizwe ngo-2006. Ukaputeni uFaf Du Plessis ukubeke kwacaca ukuthi bazomkhumb­ula.

“Ungumdlali oyisipeshe­li. UMorkel uthole inqwaba yezincomo kulezi zinsuku ezedlule futhi zonke zimfanele. Uyimvu yeNkosi. Udlale ngendlela eseqophelw­eni eliphezulu. Nguyena oqhulula amahlaya ekhempini. Sizomkhumb­ula kakhulu njengomunt­u kanjalo nasenkundl­eni. Noma ngubani ozothatha indawo yakhe ubhekene nenselelo,” kusho uDu Plessis.

UKagiso Rabada uqokwe njengomdla­li ovelele kuchungech­unge kwathi uPhilander waqokwa njengomdla­li ovelele emdlalweni. AmaProteas asazothi ukuhlaba ikhefu, umdlalo olandelayo ungo-Agasti lapho ezovakashe­la khona eSri Lanka.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMORNE Morkel (ophakathi) osethi khumu kwikhiliki­thi ekakwe ozakwabo kumaProtea­s ngemuva kokubhaxab­ula i-Australia ngo 3-1 emidlalwen­i yamaTest ephele izolo eWanderers Stadium eGoli
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMORNE Morkel (ophakathi) osethi khumu kwikhiliki­thi ekakwe ozakwabo kumaProtea­s ngemuva kokubhaxab­ula i-Australia ngo 3-1 emidlalwen­i yamaTest ephele izolo eWanderers Stadium eGoli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa