Ngeke iphazamiseke iPSL ngodaba lukaNdoro
NGEKE iphazamiseke iPremier Soccer League (PSL) ngodaba lukaTendai Ndoro we-Ajax Cape Town osolwa ngecala lokwephula imithetho yeFifa ngokudlalela amaqembu amathathu ngesizini eyodwa.
UNdoro ujoyine i-Urban Warriors ngoJanuwari. Ekuqaleni kwesizini ubesemabhukwini e-Orlando Pirates ngaphambi kokuthi aye kodlala eSaudi Arabia. Ngokwemithetho yeFifa, umdlali akavumelekile ukudlalela amaqembu amathathu ngesizini eyodwa. Umile umthetho ukuthi umdlali angasayina emaqenjini amathathu ngesizini eyodwa kodwa angakwazi ukudlala kwamabili kuphela.
Ngesikhathi luqala lolu daba, iDespute Resolution Chamber (DRC) inike i-Ajax igunya lokuthi ingamdlalisa uNdoro okuyinto umqeqeshi we-Ajax,uMuhsin Ertugral abemile kuyona. Leso sinqumo siphikisiwe yiPSL.
Ngesikhathi uNdoro eqhubeka edlala, amaqembu athile abeqala umdlalo esesifakile isimangalo kodwa ikomiti eliqondisa ubugwegwe lizichithile lezo zimangalo. Bezifakwe i-Orlando Pirates nePolokwane City.
Lungenile ngoMashi 26 olwePSL neDRC kumahluleli, kwaphuma isinqumo sokuthi lolu daba ludluliselwe kwiFifa okuyiyona vele ebeke lo mthetho okuphikiswana ngawo. Kunqunywe nokuthi uNdoro angabe esadlala. Kodwa izolo lo mdlali ufake isikhalo enkantolo yaseGoli ephikisa ukumiswa kwakhe.
Ngemuva kwalokho kuqubuke imibuzo yokuthi ngeke yini ukuyisa udaba kwiFifa kuphazamise imidlalo ye-Absa Premiership ngoba izinto zale nhlangano zivamise ukuthatha isikhathi eside?
Isikhulu esiphezulu esibambile kwiPSL,uMato Madlala, sithe balindele ukuthi udaba lusheshe uma sebeyithumelele iFifa amaphepha, okungase kwenzeke kusasa.
“Asixhamazeli ngalolu daba kepha sikhuthazekile njengobaluya kwiFifa ngoba vele umthetho wabo lo esidonsisana ngawo. Asikho isidingo sokuxhamazela. Sesiyela ngasemaphethelweni ngokuhlanganisa amaphepha ethu esizowathumela kwiFifa. Kusukela iFifa iwatholile amaphepha ethu inombandela wokusiphendula zingakapheli izinsuku eziyishumi. Ngenxa yalokhu asinaso isizathu sokuxhamazela kumbe ukuba netwetwe,” kusho uMadlala.
Uma uNdoro etholakala enecala, kungezeka i-Ajax izithole iphucwa amaphuzu ewathole emidlalweni ayidlalile.
Lokhu kungasho ukujika kwezinto emaqenjini azama ukubalekela izembe, alwela ukungena kwiTop 8 nabanga isicoco se-Absa Premiership. Imidlalo yeligi iyaphela ngoMeyi 12 bese kuqala eyokuhlunga ehlanganisa amaqembu amabili eNational First Division neliqede endaweni ka-15 kwi-Absa Premiership.