Isolezwe

KUKHONA OKUSINA KUJEQEZA ABASE-KZN KWI-PIRATES

-

IQHAWE lakho elingabuth­i quthu ubuthongo lihoshe ezithi bangase bakhonjwe indlela kwiOrlando Pirates abadlali ababili baKwaZulu Natal. UThamsanqa Gabuza waseMnambi­thi noThamsanq­a Sangweni waseDondot­ha, eMpangeni yibona adlali okungase kuhlukane inhloko nesixhanti kubona nePirates ekupheleni kwesizini.

Kusukela efikile kwiBucs, uSangweni usaphumele­le ukuqala imidlalo emithathu kuphela. Kusukela iPirates iwele ezandleni zethimba elisha labaqeqesh­i bobabili laba badlali ababonwa nangokhalo. Uze abe ngcono uGabuza ngoba uke angene yize kusuke sekusele amanembe kodwa uSangweni kubheda kakhulu kuyena.

Kungenzeka yini ukuthi uSangweni ufanelwe amaqembu athathwa njengamanc­ane? Iqhawe lakho likubuza lokhu ngoba ubevutha uphondo ekuMaZulu. Kube yinto efanayo ekwiChippa United. Nangesikha­thi ebolekiswe kwi-Ajax Cape Town ubengesiny­e sezithenjw­a. KwiPirates uthwele kanzima obekuyinto efanayo nangesikha­thi ekwiMamelo­di Sundowns.

Akubona bodwa abadlali baseKZN abangase badliwe yizembe, kukhona negama lika-Ayanda Gcaba, Thembela Sikhakhane noNkosinat­hi Mthiyane.

UGabuza oke waba yisithenjw­a sePirates udlale amahlandla angu14 esiwombeni sokuqala sesizini kodwa usabonakal­e kabili kuphela nonyaka. Uthwaliswe kanzima uJustin Shonga waseZambia ofike kwazwakala. Kukhona no-Augustine Mulenga okusobala ukuthi ulandelwe ukuzobangi­sa uShonga phambili. Inkinga kaSangweni wukuthi akalitholi ijezi nje, ayaqina namahlebez­i athi uBen Motshwari weBidvest Wits usendlelen­i ebheke eMayfair.

Ngaphandle kukaMotshw­ari, uBrilliant Khuzwayo weKaizer Chiefs noPhumlani Ntshangase weWits kuthiwa babheke emkhunjini weBucs.

 ??  ?? LUNGA SOKHELA
LUNGA SOKHELA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa