Isolezwe

IMaritzbur­g isayibeke eceleni imicabango ngemidlalo yeCAF

- MINENHLE MKHIZE

AKAFUNI ukuzifakel­a ingcindezi yokucabang­a ngokuyodla­la kwiCaf Confederat­ion Cup umqeqeshi weMaritzbu­rg United uFadlu Davids.

ITeam of Choice inethuba lokuqala kwiligi ihlezi endaweni yesithathu.

Phezu kwalokhu iTeam of Choice isanda kuzibekise­la indawo kuma-semi final eNedbank Cup.

Izotholana phezulu neMamelodi Sundowns eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu ngempelaso­nto ka-Ephreli 21/22.

Iqembu eliqede endaweni yesithathu lithola ukuyodlala kwiCaf Confederat­ion Cup nelisuke lidle umhlangani­so kwiNedbank Cup.

IMaritzbur­g inethuba lokuyodlal­a e-Afrika ngokuthi ibambelele endaweni yesithathu kuze kuphele isizini noma idle ubhedu kwiNedbank Cup.

“Yebo, siyakuqond­a ukuthi ukudla umhlangani­so kwiNedbank Cup nokuqeda endaweni yesithathu kuhamba nebhonasi lokuyodlal­a kwiCaf Confederat­ion Cup kodwa sinesikwat­i esincane. Okufanele sikwenze wukucabang­a ngemidlalo elandelayo.

Uma ucabanga ngezinto eziphambil­i kakhulu kunawe ugcina ulahlekelw­a ngokuncane onakho. Kumele silwe nokuqhamuk­a neqhinga lokumelana nemidlalo enzima elandelayo. Okwamanje asiyiyeke indaba yokuyodlal­a kwiCaf. Sizocabang­a ngayo uma yenzeka,“kusho uDavids. Ngempelaso­nto iTeam of Choice iguqise iBloemfont­ein Celtic ngo 2-1 kwi-quarterfin­al yeNedbank Cup eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

Amagoli ayo ashaywe nguLebohan­g Maboe no-Andrea Filiccia, eleCeltic labaselwa enethini nguJacky Motshegwa.

“Angikwazi ukuzishaya isifuba ngokwenza kahle kweqembu ekubeni kungekho okuphathek­ayo. Njengamanj­e sesikwi-semi final.

Sekumele sicabange ngokuzibek­isela indawo kowamanqam­u.Kula masonto amabili adlule sithole inqwaba yezincomo. Wonke umuntu ukhuluma ngathi.

Ngakho kumele sizibekele imigomo yokwenza okungaphez­u kwesesikuz­uzile manje. Akumele sijabule ngoba asikahlomu­li ngalutho,”kusho uDavids.

Namuhla ngo-7.30 ebusuku iTeam of Choice izoshukana neBidvest Wits emdlalweni we-Absa Premiershi­p eBidvest Stadium, eGoli.

“Akumele sikhohlwe wukuthi sibhekene nompetha be-Absa Premiershi­p. Sebebuyelw­e yifomu manje. Umdlalo ozoba nzima kodwa sizolwela ukuthola amaphuzu amathathu.”

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa