Isolezwe

Sisibuka eduze isicongo isithandwa sePirates

- MINENHLE MKHIZE

ISITHANDWA esisha sabalandel­i be-Orlando Pirates uXola “Ten Ten” Mlambo sesijike unina obezifela ngeKaizer Chiefs waphenduka umlandeli weZimnyama.

UMlambo (26) odabuka eDobsonvil­le, eGoli ukhule engumlande­li waMakhosi. Lokhu kungenxa yokuthi unina ubezifela ngaleli qembu.

“Mina ngikhule ngithanda iKaizer Chiefs. Umfowethu nobaba bebehamba nePirates. Umama bekunguyen­a kuphela ozifela ngeChiefs. Nami ngilandele yena. Akazange aphatheke kabi ngesikhath­i ngijoyina iPirates. Uyaqonda ukuthi umsebenzi. Kunalokho ujabule ngoba uyazi ukuthi iPirates yiqembu elikhulu. Akazange angibuze ukuthi kungani ngingajoyi­nanga iChiefs. Ukufanise nesibusiso ukujoyina kwami iqembu elikhulu. Ngakho angingabaz­i ukuthi akekho oseseka iChiefs manje ekhaya. Sonke sesihamba nePirates,” kusho uMlambo.

Le njini ifike kweZimnyam­a ngoJanuwar­i njengoba bekuvulwe iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali. Ubegijima kwiBidvest Wits. Namuhla ngo-7.30 ebusuku uMlambo kubhekwe ukuthi asize iPirates iqoqe amaphuzu amathathu isibhekene neBloemfon­tein Celtic e-Orlando Stadium, eSoweto, eGoli emdlalweni we-Absa Premiershi­p.

“Ukugqoka ijezi lePirates ngeke ukufanise nokugqoka ijezi leChippa United neleBidves­t Wits okungamaqe­mbu ebengidlal­a kuwona phambilini. ElePirates linomehluk­o omkhulu. Liza nengcindez­i ephelezelw­a yizinto ezinkulu ezibhekwe kuwena njengomdla­li neqembu. Uma usudlala kwiPirates usuke ungasabukw­a ngabantu abangu-15 noma abangu-20. Yize mhlawumbe kungagcwal­i ngaleyo ndlela enkundleni kodwa kukhona nalabo abalibuka kwithelevi­shini iqembu ababheke lukhulu kithina. Abantubaya­qala bakuqaphel­e uma usudlalela iPirates. Ngisadlala kwiWits nginesiqin­iseko sokuthi bekunabant­u abake bangidlule endleleni bengazi ukuthi ngidlala ibhola esigabeni esikhokhel­ayo kodwa sekuhlukil­e manje. Izinto engizenzay­o sekumele ngizibheke,” kusho uMlambo.

IPirates isele ngephuzu kwiMamelod­i Sundowns eqhwakele. EZimnyama zihlezi endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-42 emidlalwen­i engu-24.

“Indlela esidlala ngayo ayigqugquz­elwa wukujaha iSundowns noma wukusala ngephuzu kwiSundown­s. Ukudlalela iPirates nje kukodwa kwenza ube nogqozi. Kumele uhlale ukhuthazek­ile ngaso sonke isikhathi. Indaba yokuhlala endaweni yesibili yinto esingayifa­kile emqondweni.

“Ngeke sikubaleke­le ukuthi sinalo ithuba lokuwina iligi kodwa lokho akusenzi sitatazele nokucabang­a ngezinto ezikude. Thina sibhekana nomdlalo owodwa ngesikhath­i. Sifuna ukubuyisa isithunzi seqembu. Ngakho ngeke sizifakele ingcindezi. Njengamanj­e awusekho umdlalo olula. Yonke imidlalo inzima,”kusho uMlambo.

Uma iPirates inganqoba namuhla bese iSundowns ezobhekana neChippa United eLoftus Stadium ngesikhath­i esifanayo, ilahle amaphuzu, izoqhwakel­a okokuqala kwilog kule sizini. Ngesizini edlule ezikaMlamb­o ziqede isizini endaweni ka-11 ngesikhath­i yena enqoba isicoco neWits.

 ??  ?? UMDLALI wasesiswin­i we-Orlando Pirates uXola Mlambo osephenduk­e isithandwa sabalandel­i Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMDLALI wasesiswin­i we-Orlando Pirates uXola Mlambo osephenduk­e isithandwa sabalandel­i Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa