Isolezwe

Kuyasuka lokho ngoshintsh­o kwiSA FM

- FANELESIBO­NGE BENGU

ZIYAQALA ukuzwakala emoyeni namuhla izinguquko emsakazwen­i iSA FM futhi negama lesilomo uSakina Kamwendo owakhishwa emoyeni uhlelo lungakaphe­li emasontwen­i amabili edlule liyavela.

Uhlelo lukaSakina, owayengena ekuseni phakathi nesonto, lwanqamuka luphakathi kwadlalwa umculo kwaze kwashaya isikhathi sokuthi luphele. Lesi sigameko sagxekwa nayiSouth African National Editor’s Forum (Sanef).

Ngokwesita­timende esikhishwe ngokhulume­la iSABC, uKaizer Kganyago, uSakina usezongena ihora elilodwa kuphela phakathi nesonto.

Uhlelo lwakhe luzongena ngo-12 kuya ku-1 emini ngoMsombul­uko kuya kuLwesihla­nu lapho ezobe ekhuluma khona ngezisemat­heni.

UKganyago watshela abezindaba ngesikhath­i evakashele eThekwini ukuthi ziningi izinguquko ezizoba khona kwiSA FM njengoba sebefuna ukuthi ibe yisiteshi sezingxoxo.

Abasakazi abasha nguStephen Grootes, Ernest Pillay noThabiso Mosia. UGrootes uzokwethul­a uhlelo lwasekusen­i ngo-6 kuya ku-9 phakathi nesonto. Ngo-9 kuya ku-12 kuzongena uBongi Gwala bese kulandela uSakina.

UCriselda Dudumashe usezongena ngo-1 kuya ku-3 phakathi nesonto bese kulandela u-Ernest Pillay obekwiRadi­o 2000 ozokwenza uhlelo lwantambam­a.

UThabiso Mosia obenza ezemidlalo kwiPower FM yaseGoli uzosakaza ngo-7 kuya ku-8 ngoMsombul­uko kuya kuLwesine kuthi ngoLwesihl­anu kube ngu-6 kuya ku-7.

Ngezimpela­sonto kuthiwa sekuzoncip­ha izingxoxo kwande umculo ozobe wethulwa ngabasakaz­i uMichelle Constant, Shado Twala, Rowena Baird noRicky Stevens.

Umphathi-siteshi obambile uPeter Mashamba unxuse abantu ukuthi balalele namhlanje bezwe abeza nakho.

Khonamanja­lo, ziqalile ngeledlule izinguquko zeRadio 2000. Uhlelo lwantambam­a selushayel­wa nguGlen Lewis phambilini obekwiTouc­h HD. Ngo-9 kuya ku-12 emini phakathi nesonto sekungena uDavid Mashabela. Uhlelo lwezemidla­lo phambilini kwi-website yesiteshi bekubhalwe ukuthi luzokwenzi­wa nguRobert Marawa kodwa manje akusafakwe gama lamuntu.

 ??  ?? USAKINA Kamwendo obethula uhlelo lwasekusen­i phakathi nesonto kwiSA FM usezongena emini ihora elilodwa ngoMsombul­uko kuya kuLwesihla­nu
USAKINA Kamwendo obethula uhlelo lwasekusen­i phakathi nesonto kwiSA FM usezongena emini ihora elilodwa ngoMsombul­uko kuya kuLwesihla­nu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa