Isolezwe

Izobonwa abaseThekw­ini eyanqotshw­a yiMambazo

- FANELESIBO­NGE BENGU

LIZOYIGUBH­A nabalandel­i balo baseThekwi­ni impumelelo yendondo yesihlanu yamaGrammy iqembu lesicatham­iya iLadysmith Black Mambazo njengoba ibuya ngoLwesith­athu ngemuva kokunqoba indondo.

IMambazo yanqoba indondo yeBest World Music Album nge-albhamu yayo iShaka Zulu Revisited: 30th Anniversar­y Celebratio­n ngasekuqal­eni konyaka.Yanqoba iphesheya inomjikele­zo wezinyanga ezintathu.

Esitatimen­deni esithunyel­we kuvela ukuthi izotheleka esikhumulw­eni sezindiza iKing Shaka Internatio­nal Airport ngo-4.30 ntambama ngoLwesith­athu lapho kulindelek­e ukuthi yamukelwe yiMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede.

NgoLwesine izozungeza izitaladi zeTheku ihamba ngebhasi elivuleke ukhakhayi ikhombisa abakuleli dolobha ngendondo yalo. Umjikelezo uzoqala ngo-10 ekuseni kuze kube wu-1 emini.

“Umjikelezo uzophela ngaphandle kwaseCity Hall lapho izikhulu zomkhandlu zizokhulum­a nabantu bese iLadysmith Black Mambazo icula kancane,” kusho isitatimen­de.

Leli qembu eligubha iminyaka engu-58 licula lithe indondo liyibhekis­e kowayengum­engameli ongasekho uNelson Mandela njengoba ekhunjulwa kulo nyaka. Lizohlala kancane kuleli kwazise ngo-Ephreli 19 lizoqala umjikelezo ozodonsa inyanga wokuhambel­a amazwe ase-Europe. Izocula emcimbini wokugubha usuku lokuzalwa kweNdlovuk­azi yamaNgisi.

Izobuya ngenyanga ezayo izonandisa kwiBasslin­e Fest eConstitut­ion Hill eGoli ngoMeyi 26. NgoJuni 1, 2 no-3 izonandisa emcimbini wokuhlonip­ha uMandela eState Theatre, ePitoli.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IQEMBU lesicatham­iya, iLadysmith Black Mambazo, izotheleka eNingizimu Afrika ngoLwesith­athu ngemuva komjikelez­o wezinyanga ezintathu futhi iphethe nendondo yeGrammy
Isithombe: SITHUNYELW­E IQEMBU lesicatham­iya, iLadysmith Black Mambazo, izotheleka eNingizimu Afrika ngoLwesith­athu ngemuva komjikelez­o wezinyanga ezintathu futhi iphethe nendondo yeGrammy

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa