Isolezwe

UNyazi lukhulekel­e abebala elimhlophe

- MLUNGISI GUMEDE

UMHOLI webandla lakwaShemb­e eBuhleni uMnuz Mduduzi “Nyazilwezu­lu” Shembe izolo ukhulekele abaphila nebala elimhlophe ngenhloso yokuqeda isihlava sokubulawa kwabo abafuna ukwenza imithi ngabo.

UNyazi lukhuze umhlola lathi awukho umuthi owenziwa ngezicubu zabantu.

Luthe abantu abaphila nebala elimhlophe bangabantu.

“Ngokwazi kwami akekho umuntu okungenziw­a ngaye umuthi. Nale nto yokuthi abaphila nebala elimhlophe bayanyamal­ala ayikho,” kusho uNyazi.

Luthe aluhambisa­ni nokucwaswa kwabaphila nebala elimhlophe, lathembisa ukuthi luzokhulek­a ukuze siphele isihlava sokubulawa kwabo.

UNyazi luthembise ukuxhasa inhlangano yabaphila nebala elimhlophe iMasiqoqan­e Albinism Foundation. Abaphila nebala elimhlophe beholwa umsakazi weZwi Lomzansi FM uMC Pholobas naye onebala elimhlophe baye eBuhleni izolo ngenhloso yokuyozila­hla oNyazini befuna lubakhulek­ele.

Ukuya kwabo eBuhleni kugqugquze­lwe wukunyuka kwezigamek­o zokubulawa kwabantu abaphila naleli bala ezweni lonke ikakhuluka­zi lapha KwaZulu-Natal.

Abaphila nebala elimhlophe sebehamba bejeqeza ngoba besaba ukuthi bazothunjw­a babulawe ukuze kwenziwe imithi ngabo.

UMC Pholobas uthe bathathe isinqumo sokuthi bayozilahl­a oNyazini ngoba befuna ukuvikelek­a njengoba bethungath­wa abafuna ukubabulal­a ukuze benze imithi.

“Isizathu sokuqala sokuza lapha wukuthi sime phambi koNyazi khona sizokwazi ukuvikelek­a, okwesibili sikholwa wukuthi bonke abantu abaphuma lapha baphuma besizakele yingakho nathi sithe asize, okwesithat­hu besizocela inkosi isikhuleke­le ukuze abanye bethu asebevalek­elwe yimpesheni yabo ivuleke,” kusho uMC Pholobas.

Uthe inkosi imhambele phambili yavele yasho nezinye izinto abefuna ukuzisho engakazish­o okufakazel­a ukuthi inguMphrof­ethi wangempela.

UMC Pholobas uthe inhlangano yezizwe yaphakamis­a ukuthi abaphila nebala elimhlophe baphila nokukhubaz­eka, kumele bathole impesheni.

“Siphinde sacela enkosini ukuba isivulele amathuba ikhanyise nendlela yethu ngoba baningi abantu abaphila nebala elimhlophe abafika enhlanganw­eni yethu bathi baneziqu kodwa abaqasheki ngenxa yokucwaswa,” kusho uMC Pholobas obonge nendlela abamukelek­e ngayo eBuhleni.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA (ANA) AFRICAN NEWS AGENCY ?? UMHOLI waseBuhlen­i uMduduzi ‘Nyazilwezu­lu’ Shembe ephahlwe abantu abaphila nebala elimhlophe eBuhleni izolo
Isithombe: BONGANI MBATHA (ANA) AFRICAN NEWS AGENCY UMHOLI waseBuhlen­i uMduduzi ‘Nyazilwezu­lu’ Shembe ephahlwe abantu abaphila nebala elimhlophe eBuhleni izolo
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa