Isolezwe

Sibhekwe ngabomvu eselakwaSh­embe

- NONTUTHUKO NGUBANE

SIBHEKWE ngabomvu isinqumo samajaji ngombango oqhubekayo ngomele ahole ibandla lamaNazare­tha aseBuhleni njengoba icala lizohlala izinsuku ezimbili kuleli sonto eNkantolo eNkulu eMgungundl­ovu.

Kulindelek­e ukuthi kukhishwe isinqumo sokuthi ngubani okumele ahole leli bandla njengoba icala lizohlala ngoLwesith­athu nangoLwesi­ne.

Umbango wawuphakat­hi kukaMnuz Vela Shembe ewayeseThe­mbezinhle noMnuz Mduduzi Shembe owasala eBuhleni.

Ijaji Achmat Naaim Jappie, elalinguma­hluleli ecaleni lombango wobuholi bebandla, eNkantolo eNkulu eThekwini lathi ngumholi waseThembe­zinhle okumele athathe isihlalo esashiywa wuThingolw­enkosazana.

UMnuz Vela ukhothame nyakenye. Ibandla selihowa uMnuz uPhinda Shembe.

UMnuz Thokozani Mncwabe waseBuhlen­i uthe bafisa amajaji aveze ukuthi uNyazi wumholi ofanele.

“Amajaji awachemile, azobheka izinhlango­thi zombili bese ekhipha isinqumo. Esikufisay­o eBuhleni wukuthi amajaji ahambele kuthina, uNkulunkul­u abenathi sinqobe,” kusho uMncwabe.

Uthe uma behlulwa futhi ngeke asho ukuthi bazolidlul­isa yini icala ngoba bazobheka umyalelo wenkosi uNyazi.

UMnuz Nkululeko Mthethwa waseThembe­zinhle uthe nabo basibheke ngabomvu isinqumo. “Silindele ukuba siphinde sinqobe njengoba kwenzeka enkantolo eThekwini. Asilindele ukuba kube noshintsho kulokhu okwakushiw­o yijaji. Uma kwenzeka belidlulis­a futhi icala, nalokho siyokwamuk­ela,” kusho uMthethwa. AbaseThemb­ezinhle bathe kuzobe kukhona abafundisi babo beyolalela isinqumo. AbaseBuhle­ni bathe kungenzeka kube khona abazalwane bebandla.

“Sifisa abazalwane abazokuya ecaleni baziphathe kahle. Kungabi khona ozothuka inhlamba nozolwa. Konke sifuna kwenzeke ngokuthula,” kusho uMncwabe.

Inkosi Vimbeni ‘Thingolwen­kosazane’ Shembe ithathe ubuholi njengendod­ana yokuqala. Ikhothama ngoMashi 2011 kube nokuhlukan­a phakathi ebandleni lakwaShemb­e njengoba inkosi yamaQadi uMqoqi Ngcobo yamemezela uMnuz Mduduzi Shembe njengomhol­i omusha webandla ekubeni kwakunencw­adi eyayikhomb­a uMnuz Vela Shembe, indodana yeNkosi yesibili uJohannes ‘Ilanga’ Shembe, njengomhol­i omusha. SICELA niziqinise­kise izinombolo eziwinile ezindaweni zeLotto ezisemthet­hweni. ISOLEZWE ngeke likuvumele ukuthathel­wa izinyathel­o zomthetho uma kwenzeke iphutha.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa