Isolezwe

‘Akuboshwe abanikazi bamatekisi ezingozi’

- NONTUTHUKO NGUBANE

UHULUMENI waKwaZuluN­atal usuphakami­se ukuthi kuboshwe abanikazi bamatekisi asuke ethinteka ezingozini zomgwaqo ngenxa yokungabib­ikho esimeni esifanele sokuthutha umphakathi.

Lesi siphakamis­o sivele ngoMgqibel­o ngesikhath­i kunenkonzo yomngcwabo wabagibeli abangu-11 eNhlungwan­e, eMaBomvini, eMsinga, abashone engozini yetekisi eyenzeke eNgome ngePhasika.

Kule ngozi kushone abagibeli abangu-14 okuhlangan­isa nomshayeli wayo (27). UNgqongqos­he wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, uthe bafuna ukuyiqinis­a indaba yokuba kuboshwe abanikazi bamatekisi asuke edale izingozi.

“Iqiniso ukuthi umshayeli wetekisi usuke eqashiwe ukuba azosebenza. Uma esewutholi­le umsebenzi uyabuya nemali ayinikeze umnikazi wetekisi. Esikhundle­ni sokuthi usomatekis­i alungise imoto ngale mali esetshenzw­a wumshayeli, uvele amkhombe ngayo emgwaqweni ingenamabh­uleki futhi inezimpand­la zamathayi nokunye okungalung­ile. Ngakho umshayeli kusuke kungekho angakwenza ngoba yena usuke esebenzela umndeni wakhe. Yingakho sesiphakam­isa ukuthi kungaboshw­a nje umshayeli kuphela kodwa nomnikazi avalelwe ngoba itekisi yakhe esuke isibulele abantu ngenxa yobudedeng­u bokungayin­akekeli. “Sikwenzile lokho ngengozi eyenzeka eFields Hill lapho kungagcina­nga nje ngokuboshw­a komshayeli weloli kodwa nomnikazi walo wavela enkantolo, “kusho uKaunda. Uthe itekisi yayingenaw­o amabhuleki. IMeya yaseMzinya­thi, uMfundisi uPetros Ngubane, uthe ngesikhath­i befika endaweni yesigameko babona ukuthi amabhuleki emoto ayenqamuke eyizicucu. Kule ngozi kwashona nezingane ezimbili ezazihamba nonina obangwa nezibi esibhedlel­a. Omunye umgibeli kuvela ukuthi wayephuthu­ma emngcwaben­i wakubo kodwa akabange esafika. Imindeni isola nokuthi umshayeli wayephuzil­e.

UMnuz Bheki Phungula, okhulumele umndeni wakwaPhung­ula, uthe bacela kulungiswe indlela amatekisi athutha ngayo abantu njengoba le yayilayish­e abantu abangu-17.

“Abantu balayishwa okwamasaka empuphu. Akube abokugcina laba abashonile, abagibeli abaphathwe kahle ematekisin­i,” kusho uPhungula.

Okunye okuvelile ukuthi izidumbu zabanye abagibeli zatholakal­a zilenga ezihlahlen­i lapho itekisi eyayiphose­ke khona.

Umshayeli ungcwatshw­e ngoMgqibel­o kodwa inkonzo yakhe ayihlangan­iswanga neyabagibe­li. Ababili bafihlwe izolo.

Yonke imindeni eshonelwe ingomakhel­wane futhi ihlobene. Okunye okuhlale obala ukuthi nakuba abantu bekhuziwe ngokuvuma ukulayishw­a ngokweqile kodwa kuthe uma sekuhanjwa abangakugq­iza qakala konke lokho. Abanye babonakale bempintshe­ne emavenini sekuyiwa emathuneni.

 ?? Isithombe: MBUYISELO NDLOVU ?? UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, kade ekhuluma emngcwaben­i wabangu-11 kwabangu-14 abashona engozini yetekisi eNhlungwan­e, eMabomvini, eMsinga ngoMgqibel­o
Isithombe: MBUYISELO NDLOVU UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, kade ekhuluma emngcwaben­i wabangu-11 kwabangu-14 abashona engozini yetekisi eNhlungwan­e, eMabomvini, eMsinga ngoMgqibel­o
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa