Isolezwe

Abe-MK baziqhelan­isa nokudubula kwaWinnie

- MLUNGISI GUMEDE

INHLANGANO yomakadebo­na boMkhonto weSizwe Umkhonto weSizwe Military Veterans Associatio­n (MKMVA) iyaziqhela­nisa nesigameko sokudubula emoyeni esenzeke ngaphandle komuzi kaNkk Winnie Madizikize­la-Mandela ngoLwesihl­anu ebusuku.

Izolo okhulumela iMKMVA kuzwelonke, uMnuz Carl Niehaus, uthe bakhathaze­kile ngezigamek­o zokudubula emoyeni ezenzeke ngaphandle komuzi kamama wesizwe.

“SiyiMKMVA siyamhloni­pha uNkk Madikizela-Mandela njengesosh­a leMK nomunye wokhomanda bethu. Njengoba simhloniph­a umama futhi siyakuqond­a ukulila kwamasosha ngokushona kwakhe kodwa ngeke size sikuvumele ukuthi abantu baziphathe budlabha,” kusho uNiehaus.

Uthe banxusa wonke amalungu abo ukuthi awuyeke lo mkhuba bese eyababika labo abawenzayo emaphoyise­ni.

Uthe bakhathaze­kile ngokuthi kungenzeka kube khona izigebengu esezigila imikhuba bese kupendeka kabi amalungu abo.

“Siyaluseka uphenyo lwamaphoyi­sa oseluqaliw­e sifuna labo okuzothola­kala ukuthi yibo abenze lo mkhuba ukuba bajeziswe,” kusho uNiehaus.

NgoMgqibel­o ebusuku, uKhomishan­a wamaPhoyis­a kuleli uMnuz Bheki Cele, uthe azowu-khomba umuzi onotshwala amalungu omakadebon­a beMK athintekay­o kulesi sehlakalo.

UCele uthe sebeqalile ukwenza uphenyo ngesigamek­o sokudubula ngaphandle komuzi kaNkk Madikizela­Mandela.

“Siwathathi­le amagobolon­do ezinhlamvu siyowahlol­a, sizophinde sibheke nokuthi izibhamu ezisetshen­zisiwe azithintek­i yini kwamanye amacala,” kusho uCele.

UCele uyichithil­e imibiko ethi kukhona isidumbu somuntu esitholake­le eduze komuzi kamama wesizwe ngemuva kwesehlaka­lo sokudubula.

“Akekho umuntu oshonile futhi olimele ngenxa yesigameko sokudubula esenziwe ngamalungu oMkhonto weSizwe,” kusho uCele.

Uthe bayasola ukuthi izibhamu obekudutsh­ulwa ngazo azikho emthethwen­i.

NgoMgqibel­o kusabalale imibiko ethi kutholakal­e isidumbu budebuduze nomuzi kaNkk Madikizela-Mandela kodwa amaphoyisa akuchithil­e lokho.

Ngokwemibi­ko yabezindab­a ngoLwesibi­li nangoLwesi­thathu kube nezigameko zokudubula ezenzeke ngaphandle komuzi kaNkk Madikizela-Mandela.

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a kubonakale owesilisa obehamba nge-Mercedes Benz ephethe isibhamu esikhulu edubula lapho bekukhona abantu abaningi abebegqoke izikibha zikaKhongo­lose.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa