Isolezwe

Uphika eyokugudlu­za uRamaphosa

- ANA

UMXHUMANIS­I we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, izolo uyichithil­e imibiko yokuthi ababeseka owayenguMe­ngameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, banemihlan­gano yokudicile­la phansi isithunzi sikaMengam­eli Cyril Ramaphosa nokumgudlu­za esikhundle­ni.

UZikalala uyichithil­e imibiko eshicilelw­e yiphephand­aba langeSonto, iSunday Times, ethi yimfundiso­ze ehlose ukuhlukani­sa inhlangano ebusayo. “Baningi abantu abafuna ukuhlukani­sa i-ANC ngemfundis­oze namanga. Kubaluleki­le ukuthi amalungu e-ANC asekane ukuze sikwazi ukusekwa wumphakath­i.” Uthe akekho umuntu ozoseka i-ANC uma ihlukene phakathi futhi yisona sizathu esenza ubuholi be-ANC bukaRamaph­osa bugqugquze­le ubumbano. “Akekho umuntu waKwaZulu-Natal engimuzwe ethi uzovotela elinye iqembu ngonyaka ozayo. Wonke amalungu e-ANC ahlangene futhi azovotela umbutho wabantu ngonyaka ozayo,” kusho uZikalala.

Embikweni weSunday Times kuvela ukuthi kuneqembu elisha elisungulw­e ngumngani kaZuma, onguMengam­eli weTwelve Apostles Church in Christ, uMnuz Caesar Nongqunga. Kuthiwa uZuma uliphasisi­le iqembu futhi sekube nemihlanga­no yokuzama ukususa ubuholi bukaRamaph­osa.

Kulo mbiko kuthiwa noNobhala we-ANC, uMnuz Ace Magashule, uyazi ngeqembu. Kuthiwa bonke abaseka uZuma bazovotela iqembu elisha kanti ngoLwesihl­anu kubonakale uZikalala, uNdunankul­u waKwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, owayenguNg­qongqoshe wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu, uMnuz Des van Rooyen, nowayebhek­elele ukusebenza kweSABC, uMnuz Hlaudi Motsoeneng, beseka uZuma obevele enkantolo enkulu yaseThekwi­ni. Icala lihlehlise­lwe uJuni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa