Isolezwe

‘Isenesiqho­qho samadoda amhlophe iDA’

- BONISWA MOHALE

ABAHLAZIYI bepolitiki bathi akukho okusha okuphume engqungqut­heleni yeDemocrat­ic Alliance (DA) kwazise kusagcwele amadoda amhlophe esigungwin­i esiphezulu sobuholi.

Izolo uMnuz Mmusi Maimane ubuyiselwe esikhundle­ni sakhe sokuhola iDA, kwathi uMnuz James Selfe wabuyiselw­a kwesokuba nguSihlalo weFederal Council.

Iphini lakhe nguMnuz Thomas Walters kuthi uMnuz Dion George abe nguSihlalo wezeziMali.

UMnuz Athol Trollip ubuyele esikhundle­ni sakhe sokuba nguFederal Chairperso­n ehlula uMnuz Solly Msimanga noNkk Anneline Lottriet.

Amaphini akhe ngoMnuz Ivan Meyer, Mike Waters noNksz Refiloe Ntsekhe.

Umhlaziyi wepolitiki, uMnuz Ralph Mathekga, uthe akukho okumangaza­yo ngemiphume­la yeDA ngoba ubevele eshilo ukuthi ayikufuni ukuncintis­ana okuhle yize izigqaja ngokuba yiqembu elibuswa ngentando yabantu.

“Baye kule ngqungquth­ela uMaimane noSelfe kungekho abancintis­ana nabo. Ngokwazi kwami bebengafun­i kube nokuncinti­sana kwezikhund­la okusho ukuthi kunezinkin­ga ezithile kuleli qembu,” kusho uMathekga.

Uthe akazi ukuthi iDA izimisele ukulinqoba ngani ukhetho luka-2019 ngoba kucacela noma ngubani ukuthi ihlukene phakathi.

“UMaimane ubephakami­se ukuthi ubuholi beDA bube nazo zonke izinhlanga zaseNingiz­imu Afrika kodwa iDA ayikufuni lokhu. Ize nohlelo lwayo lokubheka izindaba zoguquko eqenjini. Abesifazan­e asibaboni ezikhundle­ni eziphezulu. Angazi ukuthi iDA kungani ingafuni ukulungisa udaba lobuhlanga ngoba luseyinkin­ga enkulu esibhekene nayo,” kusho uMathekga.

Omunye umhlaziyi wepolitiki, uMnuz Thabani Khumalo, uthe ubuholi beDA busagcwele ibala elimhlophe ngoba vele iyiqembu elibhekele­le izimfuno zabo.

“Abantu abamnyama abasebuhol­ini beDA kufanele bacacelwe ukuthi basuke bemenyiwe ukuthi bazohola ngoba iqiniso wukuthi isagcwele abamhlophe futhi ivikela izimfuno zabo. OMaimane, Zwakele Mncwango nabanye abaholi abamnyama bebephakam­ise ukuthi kubhekwe udaba lobuhlanga kodwa iDA ayifuni ukulubheka kunalokho ithe abaholi bazoqokwa ngokwamakh­ono abanawo,” kusho uKhumalo.

Uthe yebo udaba lobuhlanga noguquko lufakiwe ezisombulu­lweni zengqungqu­thela kodwa okubi wukuthi alubhekwa ngokuthi makube nesibalo esithile sabamnyama, abesifazan­e nentsha kodwa kuthiwa “kubhekwa amakhono” omuntu.

Uthe iDA isazoqhube­ka nokubhekel­ela abamhlophe futhi akukho okutheni abaholi abamnyama abangakwen­za ngalokhu.

UMaimane uthe akulona iqiniso ukuthi iDA ngeyabamhl­ophe kodwa ngeyabo bonke abantu baseNingiz­imu Afrika.

Uthe bazoqhubek­a nokuqinise­kisa ukuthi abantu banezindlu, umhlaba, umsebenzi futhi nomnotho uyakhula. “Asihambisa­ni nodaba lokuthi umhlaba ubuyiselwe kubantu ngaphandle kwesinxeph­ezelo ngoba iNingizimu Afrika yizwe elinomthet­ho. Kufanele abantu babe nophahla njengoba senzile eWestern Cape sanikeza abantu ama-title deeds angu-91 000,” kusho uMaimane.

 ?? Isithombe: THOBILE MATHONSI/ AFRICAN NEWS AGENCY/ANA ?? UMHOLI weDA uMnuz Mmusi Maimane uthe leli qembu ngelabo bonke abantu baseNingiz­imu Afrika futhi abanaso isikhala sabacwasay­o. Uthathwe ekhuluma nezithunyw­a engqungqut­heleni ebisePitol­i
Isithombe: THOBILE MATHONSI/ AFRICAN NEWS AGENCY/ANA UMHOLI weDA uMnuz Mmusi Maimane uthe leli qembu ngelabo bonke abantu baseNingiz­imu Afrika futhi abanaso isikhala sabacwasay­o. Uthathwe ekhuluma nezithunyw­a engqungqut­heleni ebisePitol­i
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa