Obenguthisha uduke nemali yomhlalaphansi
UKHATHAZEKILE umndeni kathisha wase-Adams, eThekwini, okuthiwa uduke esanda kuthola imali yomhlalaphansi.
UMnuz Hlakaniphani Zondi (60) ubefundisa eFolweni High, uduke ngempelasonto yePhasika.
Lo thisha (osesithombeni) uthathe umhlalaphansi ngoJanuwari nonyaka.
Udadewabo uNksz Fikile Mkhize uthe bakhathazekile ngoba akazange esho ukuthi uya kephi okwenza besabe ukuthi kukhona okumehlele.
“Ngigcine ukumbona ngoMashi 25 nonyaka, besilokhu sizitshela ukuthi uzobuya. Ngigcine sengiya emaphoyiseni ngiyobika ngokuduka kwakhe. Okusikhathaza kakhulu wukuthi asazi ukuthi uphephile yini lapho ekhona,” kusho uNksz Mkhize.
Ucingo lwalo thisha okuthiwa ubeseneminyaka eminingi efundisa, luvaliwe.
Isolezwe lithole ukuthi amanye amalungu omndeni agcina ukumbona ehamba nenyanga okwenza kungacaci ukuthi ngabe uhambe ngoba ethanda noma uthunjwe ngabantu abafuna imali yakhe.
UNksz Mkhize uthe njengoba engudadewabo akakwazi ukuya ebhange abheke ukuthi ngabe imali yakhe iyakhishwa yini. Inkosikazi kaZondi kuthiwa beyisahlela ukuya ebhange ukuyobheka ukuthi akukho yini okusolisayo noma okukhomba ukuthi ukephi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe amaphoyisa aKwaMakhutha avule icala lokuduka kowesilisa.
Amaphoyisa nomndeni acele noma ngubani ongaba nolwazi ngokuduka kwalo thisha ukuba axhumane namaphoyisa.
Umndeni walo thisha uthe akajwayele ukuduka okwenza bacabange ukuthi kunenkinga.