Isolezwe

Obenguthis­ha uduke nemali yomhlalaph­ansi

- NONTUTHUKO NGUBANE

UKHATHAZEK­ILE umndeni kathisha wase-Adams, eThekwini, okuthiwa uduke esanda kuthola imali yomhlalaph­ansi.

UMnuz Hlakanipha­ni Zondi (60) ubefundisa eFolweni High, uduke ngempelaso­nto yePhasika.

Lo thisha (osesithomb­eni) uthathe umhlalapha­nsi ngoJanuwar­i nonyaka.

Udadewabo uNksz Fikile Mkhize uthe bakhathaze­kile ngoba akazange esho ukuthi uya kephi okwenza besabe ukuthi kukhona okumehlele.

“Ngigcine ukumbona ngoMashi 25 nonyaka, besilokhu sizitshela ukuthi uzobuya. Ngigcine sengiya emaphoyise­ni ngiyobika ngokuduka kwakhe. Okusikhath­aza kakhulu wukuthi asazi ukuthi uphephile yini lapho ekhona,” kusho uNksz Mkhize.

Ucingo lwalo thisha okuthiwa ubesenemin­yaka eminingi efundisa, luvaliwe.

Isolezwe lithole ukuthi amanye amalungu omndeni agcina ukumbona ehamba nenyanga okwenza kungacaci ukuthi ngabe uhambe ngoba ethanda noma uthunjwe ngabantu abafuna imali yakhe.

UNksz Mkhize uthe njengoba engudadewa­bo akakwazi ukuya ebhange abheke ukuthi ngabe imali yakhe iyakhishwa yini. Inkosikazi kaZondi kuthiwa beyisahlel­a ukuya ebhange ukuyobheka ukuthi akukho yini okusolisay­o noma okukhomba ukuthi ukephi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe amaphoyisa aKwaMakhut­ha avule icala lokuduka kowesilisa.

Amaphoyisa nomndeni acele noma ngubani ongaba nolwazi ngokuduka kwalo thisha ukuba axhumane namaphoyis­a.

Umndeni walo thisha uthe akajwayele ukuduka okwenza bacabange ukuthi kunenkinga.

 ??  ?? BRICKZ
BRICKZ
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa