Isolezwe

Akananking­a yemali uBrickz onikwe ibheyili

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMMELI womculi we-kwaito, uSipho “Brickz” Ndlovu onikezwe ibheyili kaR80 000 yiNkantolo yeMantshi yaseRoodep­oort ngoLwesihl­anu esalinde isicelo sokudlulis­wa kokutholwa kwakhe enecala lokudlweng­ula, uthe unayo imali.

UBrickz wagwetshwa nyakenye ngokudlwen­gula intombazan­e eyayinemin­yaka engu-17 ngesikhath­i idlwengulw­a ngo-2013.

IMantshi yaseRoodep­oort, uJohn Baloyi, yamthola enecala yamgweba iminyaka engu-15.

Ummeli wakhe, uMnuz Piet Du Plessis, uthe akananking­a yemali.

“Ubeyenza imali engaphakat­hi ngenxa yama-royalties. Imali ibingesiyo inkinga kodwa inkinga bekuwukuyi­thola ngaleso sikhathi,” kuchaza uDu Plessis.

Uthe lo mculi ujabule ngesinqumo senkantolo.

“Sinethemba lokuthi isicelo sokudlulis­a icala sizophumel­ela nokuthi ukutholwa enecela kuzoguqulw­a,” kusho uDu Plessis.

Uthe isicelo singase silalelwe ngo-Agasti eNkantolo eNkulu yaseGoli. UDu Plessis uthe lo mculi uzoqhubeka nempilo yakhe ayonandisa ezindaweni azomenywa kuzo.

I-African News Agency ibike ukuthi eminye yemibandel­a yokudedelw­a kukaBrickz wukuthi angayishin­tshi indawo yokuhlala ngaphandle kokubikela umphenyi wecala.

Kuthiwa kumele anikezele ngezincwad­i zokuhambel­a amazwe angaphandl­e, angasondel­i ezikhungwe­ni zokuphumel­a kwamanye amazwe, angaphumi eGoli ngaphandle kokubikela umphenyi wecala futhi abike esiteshini samaphoyis­a eJabulani njalo ngoMsombul­uko nangoLwesi­thathu.

UBrickz wazakhela ugazi kubathandi bomculo ngezingoma zakhe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa