Isolezwe

Kuqashwe abeMKMVA koweTheku

- MLUNGISI GUMEDE

KUQASHWE amalungu angu-15 omakadebon­a boMkhonto weSizwe eMkhandlwi­ni weTheku kungakapho­li maseko egasele eCity Hall ngenhloso yokuzwakal­isa intukuthel­o yawo yokushaywa ngesithend­e ngeledlule.

Amalungu eMKMVA ngeledlule abebhikish­a eThekwini aze ayovala imashi yawo eCity Hall lapho afike athula nohlu lwezikhalo zawo.

UMnuz Philani Mthembu weMKMVA uthe kuyacaca ukuthi eThekwini kufanele uze ulwe ukuze ulalelwe.

“Uma usazikhulu­mela eThekwini kuvele kuthiwe uyazidlale­la kodwa uma uke waqala walwa yilapho kusukunywa khona, sekuphele isikhathi eside kakhulu izikhalo zethu zingasukun­yelwa,” kusho uMthembu.

UMnuz Mthunzi Gumede, okhulumela ihhovisi leMeya yoMkhandlu weTheku uNkk Zandile Gumede, ukuqinisek­isile ukuthi akhona amalungu eMKMVA aqashiwe emkhandlwi­ni njengezise­benzi.

UGumede uthe bakhona nabanye abasazophi­nde baqashwe ngaphambi kokuthi kuphele lo nyaka.

Uthe kunomgomo okhona othi kumele babhekelel­we omakadebon­a bamasosha ngaphansi kohlelo lokuguqula izisekelo zezomnotho.

“Umkhandlu wethu unehhovisi labo omakadebon­a elifaka amalungu azo zonke izinhlanga­no ezabamba iqhaza emzabalazw­eni kubalwa ne-Apla,” kusho uGumede.

Ngakolunye uhlangothi, amalungu e-Apla wona akhala ngokushayw­a ngesithend­e wumkhandlu uma kukhona amathuba avelayo.

Abe-Apla bakhala ngokuthi umkhandlu ubhekelela kakhulu amalungu eMKMVA bona ubashiye ngaphandle. USihlalo wePAC esifundeni iJoe Mkhwanazi okuyiTheku, uMnuz Richman Mhlongo, uthe bayakuqaph­ela ukuthi kukhona ukukhetha iphela emasini okwenzekay­o eThekwini uma kunamathub­a okufanele kuhlomule kuwo amasosha.

“Njalo uma kukhona abantu abaqashway­o kuthathwa abeMKMVA thina sishiywe ngaphandle okuyinto engeyinhle ngoba iMKMVA ne-Apla yinto eyodwa,” kusho uMhlongo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa