Isolezwe

Sizofa lapho efa khona uZuma -Dube

- KHETHA SANGWENI

UMHOLI we-Ethekwini Community Church, uMbhishobh­i uVusi Dube uthi abaholi bezenkolo bazofa lapho kufa khona obengumeng­ameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ohamba icala lenkohlaka­lo enkantolo. UDube ubephethe uhlelo olufishane ngesikhath­i uZuma eqeda ukuvela eNkantolo eNkulu eThekwini ngoLwesihl­anu. UDube ophinde abe yilungu lesiShayam­thetho KwaZulu-Natal, uthe abalokhu bebuza ukuthi amakholwa ahlanganap­hi nezepoliti­ki akudokwe ligayelwe bona lokho ngoba bona beseka uZuma.

“UMsholozi umsulwa kuze kube utholakala enecala. Ababuza ukuthi sihamba kanjani noZuma sibe singamakho­lwa okwabo ke lokho thina asixhumi emibuzweni yabo. Sasikhona nasekuqale­ni uZuma ehlukunyez­wa namanje simi naye futhi,’’ kusho uDube. Uthe abalokhu bemjoja ngaleyo mibuzo bazomthola kahle ngoba uZuma umholi osebenzele abantu ngokwethem­beka. Kusuka ngoLwesine ebusuku umbhishobh­i ubemataasa ehlanganis­a umlindelo obuseAlber­t Park. NgePhasika ubezimazis­we wuZuma ebandleni lakhe lapho efike khona wacela umkhuleko kubazalwan­e wathi akuthandaz­elwe ukubuya kukaJesu. UDube wayeshabas­heka nomkhankas­o wokweseka uZuma nasekuqale­ni ngesikhath­i esathweswe amacala engakabi umengameli wezwe.

Unxuse inqwaba yabantu ebikhona ukuthi iqhubeke nokweseka uZuma kuze kube sekugcinen­i ngoba bayazi ukuthi umsulwa. Uthe abathandaz­ayo, babeke uZuma emkhulekwe­ni njengoba ebhekene nesikhathi esinzima. Uthe bazoqhubek­a nokumeseka bebambisen­e nezinhlaka ezehlukene okukhona kuzo iNafupa SA, iTransform SA neBlack First Land First eholwa uMnuz Andile Mngxitama.

UZuma naye uhambe emazwini kaDube wathi uyabathand­a abaholi bezenkolo ngoba bahambisa izinto ngeqiniso abafezi izinhloso zabantu basemhlabe­ni. Ubabonge kakhulu ngokumesek­a wathi mabathanda­ze ngamandla kulesi sikhathi sobunzima.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa