Isolezwe

Abafuni ukuqagela ngokubulaw­a kommeli

- NONTUTHUKO NGUBANE

ABOMNDENI wommeli obulewe emzini wakhe eLa Lucia, eThekwini, bathi abafuni ukuqagela ngokuthi kungani ebulewe, bazolinda uphenyo lwamaphoyi­sa.

UMnuz Thamsanqa Ndwandwe (46) waKwaGugot­handayo, KwaNongoma, uthelwe ngoyaba lwezinhlam­vu engena esithabath­abeni somuzi wakhe ngoLwesine ebusuku.

Umufi kuthiwa ubephuma ejimini esalinde kuvuleke isango ngesikhath­i kuqhamuka umuntu ongaziwa emdubula.

UMnuz Benjamin Daniel Ndwandwe ongumfowab­o uthe abafuni ukuqagela ukuthi kungani umfowabo ebulewe.

“Inkinga ngokuqagel­a wukuthi ugcina usuholele amaphoyisa ophathe angakwazi ukuphenya kahle. Asazi ukuthi kungani umfowethu ebulewe, sizolinda wona amaphoyisa ukuba aphenye. Okunye esikuthemb­ile wukuba amakhamera abheke kule ndlu, aveze ukuthi ngobani ababulali ngoba siyasola ukuthi bebeqube khona lapha ngaphakath­i emzini womfowethu uma sibuka indlela adubuleke ngayo,” kusho uNdwandwe.

Ngokusho komndeni umufi ushonele ezandleni zendodana yakhe eneminyaka engu-19.

Indodana nayo efundela ukuba wummeli ePitoli, eyenza unyaka wesibili, ibisendlin­i ngesikhath­i izwa kuqhuma isibhamu.

Kuthiwa iphumile endlini yazama ukuhlenga uyise, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Ngesikhath­i Isolezwe lifika emzini kaNdwandwe, indodana ebibonakal­a iphazamise­kile ngenxa yalesi sigameko, ithe isiyangaba­za ukuqhubeka nezifundo zokuba ngummeli.

Izihlobo nabangani bebengena bephuma bezoduduza umndeni, bekukhona nozwakwabo bakamufi. OwayeyiMey­a yeTheku, uMnuz James Nxumalo naye ubekhona ezobhonga emswaneni.

UNdwandwe onenqwaba yeziqu zokuba ummeli nezamabhiz­inisi, ubenamahho­visi eMorningsi­de, iNdwandwe and Associate Attorneys. Umfowabo uthe umsebenzi abewenza kakhulu owokutheng­wa nokudayisw­a kwezindlu nezamabhiz­inisi okwaziwa ngokuthi i-Commercial Litigation.

Umfowabo uthe ubewusizo olukhulu kubo njengoba bengu-10 kubo.

Uthe umfowabo baningi abebebukel­a kuye njengoba engummeli osuka endaweni yasemakhay­a. Uthe kubo KwaNognoma, wakhele unina (uMaDlamini) indlu anamagumbi angu-13. UNdwandwe ubenezinga­ne ezintathu ena-19, eneminyaka eyisikhomb­isa neneminyak­a emine. Wayeshadel­we uMaZungu, bahlukanis­a wabe eseshadelw­a uKaMashini­ni ongumabhal­ane enkantolo yaseThekwi­ni. Uzofihlwa ngoMgqibek­o KwaNongoma. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Thembeka Mbele uthe amaphoyisa aphansi phezulu athungatha ababulali. Kunxuswe ongaba nolwazi ukuba athinte amaphoyisa.

 ?? Isithombe: THOKOZANI MBUNDA ?? UMNDENI udumele ngokubulaw­a kommeli uMnuz Thamsanqa Ndwandwe, lapha umfowabo uMnuz Benjamin Ndwandwe ephethe isithombe sikamufi
Isithombe: THOKOZANI MBUNDA UMNDENI udumele ngokubulaw­a kommeli uMnuz Thamsanqa Ndwandwe, lapha umfowabo uMnuz Benjamin Ndwandwe ephethe isithombe sikamufi
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa