Isolezwe

Ukhuthaze abaningi Nomzamo ubonisa ubumqoka bemfundo

-

NGESONTO eledlule, uNomzamo Mbatha ongumlingi­si nosaziwayo, wethweswe iziqu ze-B Com Accounting e-University of Cape Town. UNomzamo ubuyele esikoleni wayoqedela iziqu zakhe azishiya phakathi ngenxa yokushoda ngemali, ukushonelw­a ngamalungu omndeni wakhe elandelana nanokuthi wabona kungcono ukulandela amaphupho akhe okuyolingi­sa njengoba engomunye wabalingis­i abahamba phambili beSibaya.

Lo mlingisi osengene nasemafili­mini ufike endimeni yezokungce­beleka kwezwakala njengoba engomunye wosaziwayo abathandwa­yo eNingizimu Afrika futhi uyangenisa kancane kancane nakwamanye amazwe.

Imali uyenza ngokulingi­sa, ukuphatha imicimbi nangokuba yinxusa lezimpahla zokuzivoca­voca, i-Puma, abacwali besikhumba, i-Neutrogena, abezinwele, i-L’Oreal Paris Hair nabezimoto zakwaAudi.

Uphinde abeyinxusa lophiko lweNhlanga­no yeZizwe olunakekel­a abantu ababhace kwamanye amazwe ngenxa yezimpi, i-United Nations High Commission­er for Refugees (UNHCR).

Zonke lezi zinto uNomzamo azenzayo sezimenze usozigidi emncane njengoba engakahlan­ganisi neminyaka engu-30 nokuyinto engajwayel­ekile eNingizimu Afrika ngoba indima yezokungce­beleka yincane futhi nemali ayiningi kangako.

Nakuba evelele kanjena uNomzamo kodwa ukubone kubaluleki­le ukubuyela esikoleni, aphothule izifundo zakhe njengoba namandla okuzikhokh­ela esenawo manje.

Abanye bebengeke besayingen­a indaba yesikole uma sebezuze izinto uNomzamo asezizuzil­e ngoba bebezobona singekho isidingo sesikole ngoba sebeyithol­ile indlela yokwenza imali.

Ngokuphind­ela kwakhe esikoleni, uNomzamo, okunezigid­i zentsha ezibukela kuye, usenze umsebenzi omkhulu wokubakhom­bisa abalandeli bakhe ukuthi imfundo ibalulekil­e akukhathal­eki ngisho kungathiwa usuphumele­le kangakanan­i empilweni.

Baningi abazokhuth­azeka ukuthi babuyele esikoleni kuthi nalabo abesebedik­ibele baqhubeke. Imfundo ayidingelw­a ukwenza imali kuphela, iphinde imkhulise ngezindlel­a eziningi umuntu, isabalalis­e nomqondo.

Wenze umsebenzi omuhle Nomzamo, uqhubeke njalo ntombazane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa