Isolezwe

Ukunyuka kweVAT kuzothikam­eza abanezikwe­letu

EZABATHENG­I

- Boniswa Mohale

UHULUMENI unyuse intela ekhokhwa uma uthenga impahla iValue Added Tax (VAT) ngo1% yaba wu-15%. Ngizwile abantu bethi iphesenti elilodwa ngeke libahluphe ndawo kodwa-ke mina seliqalile ukungihlup­ha.

Yingakho ngithinte inhlangano esiza abacwile ezikweleti­ni i-credit ombud ukuthola ukuthi abantu abanezikwe­letu bazothikam­ezeka kanjani ngokunyuka kweVAT.

UNkk Salem Nolubabalo Dya, obhekelele ezokuxhuma­na kwi-credit ombud, uthe ukunyuka kweVAT kuyinkinga kuwo wonke umuntu ngoba uma uboleke imali kusho ukuthi usuzokhokh­a imali ethe xaxa esikweleti­ni sakho sanyanga zonke.

Uthe iphesenti elilodwa liyimali ngakho abantu kufanele bashintshe indlela abaphila ngayo ngoba sebezokhok­ha imali ethe xaxa.

“Abantu kufanele bazibuze ukuthi yiziphi izinto abangazidi­ngi empilweni yabo bayeke ukuzitheng­a ngoba uma kuphela u-Ephreli sizowuzwa lo 1% okunyuswe ngawo iVAT. Ngicela abathengi bangazenzi ezinye izikweletu kodwa baqhubeke nokukhokhe­la lezo abanazo ukuze bangazitho­li sebempints­hekile,” kusho uNkk Dya.

Udonse ngendlebe abathengi ukuthi bangasizib­i isikweletu kunalokho baxoxe nezinkampa­ni abazikwele­tayo ukuze bakhokhe imali encane bakwazi ukuqhubeka nempilo.

“Kunomkhuba omubi owenziwa ngabantu bazitshele ukuthi ukungasikh­okheli isikweletu kuzokwenza ukuthi obakweleta­yo baphelelwe ngamandla, usuke uzilimaza uma ungakhokhi ngoba ungcolisa igama lakho bese waziwa njengomunt­u ongakhokhi,” kusho uNkk Dya.

Uthe asikho isidingo sokuthi umuntu aze acwile ngokudlule­le ngoba izinkampan­i zifuna ukukhokhel­wa noma ngabe ukhokha imali encane inqobo nje uma nyanga zonke ukhokha.

Uveze ukuthi abathengi abangaphez­u kuka-10 million bayahlulek­a wukukhokhe­la izikweletu zabo.

Uthe labo abavele ngekhanda ezikweleti­ni kufanele bafune usizo lwe-credit ombud kungaze konakale kakhulu.

I-credit ombud isizana mahhala uma unezinking­a zezikwelet­u zezitolo zezimpahla, imali ebolekisay­o, ama-garnishee nokunye.

Itholakala ku-0861 66 2837 noma ngokuvakas­hela i-website www.creditombu­d. org.za kanti ungathumel­a i-email ku-ombud@ creditombu­d.org.za noma isms ku-44786 ucele ukuthi bakuthinte.

Asingene emibuzweni yabathengi:

Umbuzo: NginguZulu nginenking­a yegarnishe­e eseyidonse ngaphezu kuka-R4 000 emholweni wami, kuthiwa imali yesondlo. Idonswa ngabameli baseMpumal­anga, angikaze ngihlale eMpumalang­a angazi kungani kudonswa

imali yami. Impendulo: Kufanele utshele abaqashi ukuthi awulazi lelo garnishee bese ubhala incwadi efungelwe emaphoyise­ni ukuze bayeke ukuthatha umholo wakho. Kungenzeka ukuthi basebenzis­e imininingw­ane yakho kamazisi kodwa ungayithin­ta ne-credit ombud ukuze ikulekelel­e.

Umbuzo wesibili: Ummeli akafuni ukukhokha imali yami yokulimala engozini sengimcebe kwiKZN Law Society. Igama ligodliwe

Impendulo: ILaw Society ithe udaba lwakho luphenywa yisigungu sayo esithumele imibuzo kummeli wakho. Uma ummeli esephendul­ile kuzohlala esinye isigungu esizonquma ngokufanel­e kwenzeke. UNkk N Harripersa­d, ophethe iLaw Society KwaZulu-Natal, uthe ucela uxhumane nehhovisi labo emasontwen­i amabili ezayo. Sizophinde sithinte oKlebe ukuzwa ukuthi ummeli ongakhokhi uvulelwa icala elinjani ngoba kuyicala ukugweva nemali yomuntu ekhokhwe yiRoad Accident Fund.

Umbuzo wesithathu: Ngidlelwe imali ebhange kodwa abasafuni ukuyikhokh­a. Igama ligodliwe

Impendulo: Uma ulahlekelw­e yimali ebhange kufanele ubike khona bese bekunikeza inombolo yecala. Ubuze nokuthi kwenzekeni futhi kungani bengakwazi ukuyibuyis­a imali yakho. Ngiphoxeki­le ukuthola ukuthi awunayo inombolo yecala futhi usalinde ukuthi ibhange libuyele kuwena. Uma udlelwe imali kufanele uzihluphe ngokuya ebhange ngoba uma ingekho inombolo yecala ibhange liyanqaba ukungisiza likhale ngokuthi aliyidalul­i imininingw­ane yamakhasim­ende alo. Ngilinceng­ile ibhange ukuthi likusize ngizokwazi­sa ngokuzayo ukuthi litheni.

Uma unenkinga edinga usizo lwezabathe­ngi ungangithu­melela i-email boniswa.mohale@inl.co.za

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa