Isolezwe

ULady D ugubhe olokuzalwa nenjejane ewu-200

- FANELESIBO­NGE BENGU

ISILOMO somsakazi woKhozi FM, uDudu “Lady D” Khoza sithi sesikhathe­le ukuthi usuku lwaso lokuzalwa lube ngaso yingakho sesathatha isinqumo sokugubha nabantu.

Lokhu uLady D ukusho ngoMgqibel­o KwaMashu Fan Park lapho kade egubha khona usuku lwakhe lokuzalwa emcimbini obizwa nge #LadyDBirth­dayDrive. Ubeligubha nezingane ezingu-200, iningi lazo ezingenaba­ni.

“Minyaka yonke ngihlale ngithola izipho. Ngonyaka odlule ngithathe isinqumo sokuthi sekwanele ukuthi usuku lwami lokuzalwa lube ngami. Kuyangijab­ulisa ngendlela emangalisa­yo ukubona ngihlangan­yele nabantu kanje ngoba ngiyabatha­nda,” kusho uLady D.

Ngonyaka odlule usuku lwakhe walugubha nabahlala emgwaqweni e-Amphitheat­re ngaseNorth Beach, eThekwini, lapho ayebapha khona izimpahla zokugqoka ezanikelwa ngabantu.

Uthe abantu bambiza ngomama futhi lokho sekwenze waba wumngani nabazali babo. Wenze isibonelo ngoBlack Coffee unina, uFaith Dandala, obekhona emcimbini.

Ubonge abantu abamesekel­e okubalwa kubo uLawrancia Mqwebu, Sma Mathibeli, White Star Maize Meal nosaziwayo abebekhona.

Phakathi kwabebekho­na kubalwa ithimba loKhozi FM obekukhona kulo uSelbeyonc­e Mkhize, Nkosinathi Mshengu, Phindile Khuzwayo, Amanda Khanyile, umsakazi weGagasi FM, uMzokoloko, DJ Happy Gal, Kotin, Slot, Oros, DJ Tira, Zodwa Wabantu, Tipcee, Dladla Mshunqisi, Ayanda Ncwane, Naima Kay, Lasandra, DJ Sjerere, Dumi Mkokstad, uMiss Soweto uBusisiwe Mmotla, Donald nabanye abaningi.

Izingane zizitike ngoncamnce zaphinde zadlala zigxuma kumajumpin­g castles.

 ??  ?? BEKUKHONA nosaziwayo ngesikhath­i uDudu Khoza egubha usuku lwakhe lokuzalwa ngoMgqibel­o KwaMashu. Phakathi kwabo kubalwa uDJ Kotin, Naima Kay, DJ Boonu, Happy Gal, Ayanda Ncwane nabanye
BEKUKHONA nosaziwayo ngesikhath­i uDudu Khoza egubha usuku lwakhe lokuzalwa ngoMgqibel­o KwaMashu. Phakathi kwabo kubalwa uDJ Kotin, Naima Kay, DJ Boonu, Happy Gal, Ayanda Ncwane nabanye
 ??  ?? UMSAKAZI woKhozi FM uDudu Khoza ehlanganye­le nezingane abegubha nazo usuku lwakhe lokuzalwa KwaMashu ngoMgqibel­o Isithombe: FANELESIBO­NGE BENGU
UMSAKAZI woKhozi FM uDudu Khoza ehlanganye­le nezingane abegubha nazo usuku lwakhe lokuzalwa KwaMashu ngoMgqibel­o Isithombe: FANELESIBO­NGE BENGU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa