Isolezwe

Iwuqale ngesasasa umjikelezo wayo iBlack Motion

- THOKOZANI NDLOVU

INTANDOKAZ­I yeqembu lomculo, iBlack Motion, ithe ayinagqubu ngesehlaka­lo sokucwaswa kwayo yinkampani yamabhanoy­i iBritish Airways esayehlela ngoDisemba nyakenye.

Lokhu ikuveze ngesikhath­i inandisa e-Under The Moon eNanda, eThekwini, njengoba isemjikele­zweni wokuhambel­a izifundazw­e oxhaswe yiBallenti­ne’s Scotch Whiskey.

Leli qembu linamalung­u amabili, uBongani Mohosana noThabo Mabogwane.

UBongani uthe yize kuke kwavela ukuthi bafuna ukuhlawulw­a ngo-R3.7 million kodwa lokho kukubameli babo.

“Akuyona into esemqondwe­ni kithina leyo. Kwenzeka ngaleso sikhathi sadlula. Sabhala kuTwitter ngoba sifuna abantu bazi indlela esiphathwe ngayo kodwa sangayilan­dela kakhulu. Njengamanj­e lolo daba luphethwe abameli bethu futhi besingakab­abuzi ukuthi kuqhubekan­i,” kusho uBongani.

Akafunanga ukuphumela obala ngokuthi basazoqhub­eka yini nokusebenz­isa amabhanoyi eBritish Airways.

Umjikelezo wabo obizwa ngeMulti-City SA Music Tour, ubuqala e-Under The Moon ngoLwesihl­anu. Usaya nakwamanye amadolobha amakhulu kuleli njengoba kuhlelwe ukuthi uphele ngenyanga ezayo.

UBongani uthe ukuxhaswa yiBallenti­ne’s kubavulele amathuba amaningi ngisho naphesheya kwezilwand­le.

“Siqale ukusebenzi­sana neBallenti­ne’s ngasekuqal­eni konyaka odlule. Abanikazi beBallenti­ne’s yibona abeze kithina basitshela ukuthi indlela esiyiyona iyahambisa­na nesiqubulo sabo esithi: Stay True. Bathe nathi bayabona ukuthi sihlale sijabulisa abalandeli bethu ngendlela abayifunay­o nokwenze kwaba lula ukuthi basebenzis­ane nathi,” kuqhuba uBongani.

Leli qembu linandise eNanda ngoLwesihl­anu lashiya abantu besafuna impinda. Abanye besifazane bese bekhihla isililo bechazwa wukunandis­a kwalo. Bese befisa ngisho nokungena esteji bange amalungu eqembu kodwa kwasho ukuthi bekubiyiwe bangakwazi ukufinyele­la kuwona.

 ??  ?? ISHIYE izihlwele zifuna impinda iBlack Motion ngesikhath­i inandisa e-Under The Moon, eNanda lapho iqale khona umjikelezo wayo oxhaswe yiBallenti­ne’s Scotch Whiskey ngoLwesihl­anu ebusuku
ISHIYE izihlwele zifuna impinda iBlack Motion ngesikhath­i inandisa e-Under The Moon, eNanda lapho iqale khona umjikelezo wayo oxhaswe yiBallenti­ne’s Scotch Whiskey ngoLwesihl­anu ebusuku

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa