Isolezwe

Ufuna usizo lomthetho mayelana ne‘Di Lille Clause’

- BONISWA MOHALE

IMEYA yaseWester­n Cape, uNkk Patricia de Lille, ithi izofuna usizo lomthetho ngokuphasi­swa komthetho omusha wokuhoxisa amalungu eDA ezikhundle­ni, i-recall clause, oteketiswa ngokuthi yiDe Lille Clause.

Umthetho uphasiswe ngoMgqibel­o engqungqut­heleni yeDA ebiseTshwa­ne ngempelaso­nto.

Ngokwe-recall clause, amalungu eDA avumelene ngokuthi kuchitshiy­elwe umthetho wokuhoxisa oMengameli, oNdunankul­u, iziMeya nezinye izikhulu zeDA uma kuwukuthi abusathenj­wa ubuholi babo.

USihlalo weFederal Council, uMnuz James Selfe, uthe umthetho wokuhoxisa abaholi uzoqala ukusebenza kuleli sonto, okusho ukuthi amalungu eqembu anganeme ngabaholi abathile angenza izincomo zokuthi bahoxiswe.

Esitatimen­deni uNkk De Lille uthe umthetho wokuhoxisa abaholi ubhekiswe kuye ngoba vele kunabaholi be-DA abafuna ukumkhipha esikhundle­ni sakhe.

“Bazimisele ngempela ukungikhip­ha ngaphandle kokunginik­eza ithuba lokuzivike­la. Sebeze bashintsha umthetho wabo (ifederal constituti­on) ukuze ngihoxiswe. Ngizoyilwa le nto ngeke ngibabuke bedlala ngami.”

Uthe wayedlala abacindeze­li ngesikhath­i sobandlulu­lo, ngeke ababuke badlale ngaye noma izwe selikhulul­ekile.

“Ngalwa ngesikhath­i sobandlulu­lo ukuze abantu bathole ubulungisw­a. Nami ngifuna ubulungisw­a, kufanele nginikwe ithuba lokugeza igama lami. Lo mthetho uhlose ukungisusa ngaphandle kokuthi ngichaze noma nginekele izwe ngetulo lokungiket­ula,” kusho uNkk De Lille.

 ??  ??
 ??  ?? PATRICIA DE LILLE
PATRICIA DE LILLE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa