Isolezwe

Imiphumela eyehlukene kweyeDiski Shield

- MTHOKOZISI MNCUSENI

BAQALE ngemiphume­la eyehlukene abaqeqeshi bamaqembu afuna ukuvimba iLamontvil­le Golden Arrows ukuthi iqophe omunye umlando ngokuba yiqembu lokuqala ukunqoba isicoco seMulticho­ice Diski Shield.

Ngemepelas­onto iqalile ezinkundle­ni ezehlukene imidlalo yeDiski Shield kodwa abanye abaqeqeshi abafisa ukugudluza uVusi Vilakazi we-Arrows esicongwen­i baqale ngebatha.

Kule minyaka emithathu edlule uVilakazi uzidlela amahlanga; isicoco seMulticho­ice Diski Challenge usesidle kabili. I-Arrows esanda kubuya eSpain lapho ibivakashe khona emuva kokuhlaban­a kwayo ngesicoco seDiski iqale umqhudelwa­no ekuhambeni ibambane khona neChippa United ngo 0-0 eWolfson Stadium.

UDavid Notoane ophazamise uVilakazi kwesangony­aka odlule isicoco seDiski uqale ngomphumel­a oncomekayo enenebula iPolokwane City ngo 3-1 eTUT Stadium. UNotoane uthe iqembu analo ulibona likufanele ukunqoba isicoco somkhumula­jezi.

“Okusiphaza­misile wukuthi kunabadlal­i abebeyizin­sika abanyuselw­e esikimini esikhulu kwabakhona nabanye ababolekis­wayo. Ngikholwa wukuthi iDiski Shield isinika ithuba elikahle lokuzihlol­a ukuthi sikuliphi izinga,” usho kanje.

UPhumlani Kubheka opheka i-Pirates emuva kokusula isigubhuka­ne kukaReyaad Jacobs osesiza uBenni MaCarthy kuCape Town City, naye uqale ngesibhaxu eshaywa yiBidvest Wits ngo 1-0. UKubheka akabekelwe mgomo ngoba usemusha, usafunda ukuqeqesha. Ubepheka izikwati ezincane zePirates ngaphambi kokunikwa lesi sikhundla.

UDitheko Mototo wodumo kuKaizer Chiefs uyena opheka iBloemfont­ein Celtic eqale umqhudelwa­no ngewini evuthayo ishaya i-Ajax Cape Town ngo 3-1. Elinye iqembu elenze kahle emidlalwen­i yeligi yeDiski yiMaritzbu­rg United, eshaywe womakhelwa­ne AmaZulu FC ngo 3-1. U-Arthur Zwane kwiChiefs uqale kahle enqoba ngo 2-0 kwiPlatinu­m Stars.

Imiphumela yemidlalo yokuqala yeDiski Shield:

SuperSport United 0-0 Baroka FC; Chippa United 0-0 Lamontvill­e Golden Arrows; Free State Stars 2-1 Cape Town City; Ajax Cape Town 1-3 Bloemfonte­in Celtic; Orlando Pirates 0-1 Bidvest Wits; Maritzburg United 1-3 AmaZulu; Mamelodi Sundowns 3-1 Polokwane City; Kaizer Chiefs 2-0 Platinum Stars.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa