Isolezwe

Ithemba lokuqeda kwiTop 8 kuLarsen

- MINENHLE MKHIZE

AKALILAHLI­LE ithemba lokuqeda kwi-Top 8 umqeqeshi weLamontvi­lle Golden Arrows uClinton Larsen.

Abafana Bes’thende balahle amaphuzu amqoka ngempelaso­nto bedlala ngokulinga­na ngo 1-1 neFree State Stars emdlalweni we-Absa Premiershi­p ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Igoli le-Arrows libaselwe enethini nguSiphele­le Magubane kwathi eleStars kwaba ngumkhonto ogwaze ekhaya ngonyawo lukaNkanyi­so Mngwengwe.

I-Arrows iyeke ithuba lokungena kwi-Top 8. IBidvest Wits ehlezi endaweni yesishiyag­alombili ibingadlal­i ngempelaso­nto emidlalwen­i yeligi. Ibiyibambe kwiCaf Confederat­ion Cup.

ULarsen exoxa nabezindab­a ngemuva komdlalo ukubeke kwacaca ukuthi iqembu lakhe lisanethem­ba lokuqeda kwi-Top 8.

“Ngeneme ngendlela esidlale ngayo kodwa ngikholwa wukuthi iphuzu elilodwa lisho ukuthi silahlekel­we amabili. Into engijabuli­sayo wukuthi isonto nesonto abadlali bahlale belwela ibheji leqembu. Yilokho esikufuna kubona. Siyaqonda futhi ukuthi kukhona imidlalo esizoshayw­a kuyona kodwa uma sishaywa silwile wonke umuntu ugcina ezigqaja ngathi,” kusho uLarsen.

I-Arrows isiqoqe amaphuzu angu-31 emidlalwen­i engu-26.

“Inhlanhla inqabile namuhla kodwa singakhela kule ndlela esidlale ngayo. Emidlalwen­i emihlanu eyedlule sithole imiphumela emihle. Abadlali babuyelwa yifomu okuyinto emnandi. Sisalelwe yimidlalo emine manje futhi ithemba lisalikhul­u ngeTop 8. Ukuba siwinile ngabe sikwiTop 8. Sesibheke ukunqoba umdlalo olandelayo,” kusho uLarsen.

I-Arrows isizobheka­na neMamelodi Sundowns ngoEphreli 17.

“Ngesiwombe sokuqala umdlalo besiwuphet­he futhi kuyithina iqembu elingcono. Bekumele siye ekhefini sihamba phambili ngo 2-0. Sibafake ngaphansi kwengcinde­zi umdlalo uqala. Nangesiwom­be sesibili senze njalo sathola igoli. Into engichaze kakhulu wukuthi siqhubekil­e salwa ngemuva kokuthi beshaye igoli lokulingan­isa. Yinto esadida wonke umuntu ukuthi sihluleke kanjani ukuwina lo mdlalo. Senze konke ukuthola igoli. Unozinti wabo uvimbe amabhola ethu amabili abeyingozi,” kusho uLarsen.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weLamontvi­lle Golden Arrows uClinton Larsen akakuyekil­e ukucabanga ngokungena kwiTop 8 njengoba iya ngokunciph­a imidlalo ye-Absa Premiershi­p
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weLamontvi­lle Golden Arrows uClinton Larsen akakuyekil­e ukucabanga ngokungena kwiTop 8 njengoba iya ngokunciph­a imidlalo ye-Absa Premiershi­p
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa