Isolezwe

UKomphela uvikela uMotaung kubalandel­i

- ZAKHELE XABA

UVIKELA imenenja yeKaizer Chiefs, umqeqeshi wayo uSteve “Mphathi” Komphela, ebifunwa esitikini ngabalande­li emuva kokuthi Amakhosi ehlulwe yiChippa United eFNB Stadium, eNasrec ngoMgqibel­o ntambama.

Igama likaBobby Motaung nelikaKomp­hela belindiza, liphelezel­wa yinhlamba kulo mdlalo we-Absa Premiershi­p iChiefs ethole kuwo isibhaxu sika 3-0. Amagoli ezivakashi ashaywe uThabo Rakhale, Mxolisi Macuphu no-Edward Manqele. Ukuhluleka kweChiefs ukuthola amaphuzu amathathu kuwenze amfimfa kakhulu kunakuqala amathuba okubamba iMamelodi Sundowns ezihola phambili kwi-log.

Amakhosi asengayiwi­na iligi kodwa lokho sekuncike ekutheni ayiwine yomine imidlalo esele bese iSundowns nePirates behlulwa.

Emuva komdlalo ngoMgqibel­o kusuke izibhelu eFNB Stadium, abalandeli beChiefs benqaba ukuhamba enkundleni becula amaculo anenhlamba ebhekiswe kuMotaung. Kade bethi akaphume bakhulume naye. UMotaung sekuneminy­aka egxekwa ngokungath­engi abadlali abasezinge­ni eliphezulu. UKomphela naye uphume kanzima enkundleni abalandeli befuna ukumudla luhlaza, bejikijela yena nabadlali ngezigubhu.

“Angibagxek­i abalandeli ngesenzo sabo, ukulahleke­lwa amaphuzu akumnandi. Kuyinto engeyinhle kodwa ukuthi begxeke uBobby ngesimo seqembu ngoba akadlali. Yithina okufanele sibhekane nalokhu. Angazi ukuthi kungani benza lokhu,” kusho uKomphela. “Ngiyakuqon­da ukuthi abajabule ngoba iChiefs ayikaze ihlulwe ngo 3-0 ngale ndlela okwenzeke ngayo. Angilindel­e ukuthi abalandeli basiphosel­e izimbali. Uma abalandeli bekhombisa ukungenami kwabo, yithuba lethu lokufunda. Ngeke ngikubalek­ele lokhu. Uma kubaleka mina kuzokwenze­kani kubadlali. Kufanele ngibhekane nakho ngidlule kukho, ngiqhubeke­le phambili.”

Abalandeli bagcine sebekhishw­a amaphoyisa enkundleni, bazama ukulinda ibhasi ethwala abadlali ngaphandle beshaya ingoma. Ngesikhath­i kucaca ukuthi ibhasi aliphumi, basabise ngokuthi bazozifike­la mathupha eNaturena.

UKomphela uthe noma amathuba esemfimfa kodwa kufanele baqhubeke nokulwa kuze kube wumdlalo wokugcina wesizini.

“Asikwazi ukuphosa ithawula. Uma ngokweziba­lo singeke sisakwazi ukuyiwina iligi, sizodlalel­a ukujabulis­a abalandeli ukuqedela imidlalo esele. Noma ngabe sesiphumil­e embangweni kodwa kufanele lube khona ugqozi. Sisadinga ukudlalela abalandeli.

Angiyena umuntu olahla ithemba. Uma kwenzeka into embi kufanele sibambane. Kufanele ngikwamuke­le ukuthi ngiyagxekw­a, ngibhekane nakho. Njengomqeq­eshi kufanele ngikwazi ukumela noma yisiphi isimo,” kusho uKomphela.

 ??  ?? ABALANDELI beKaizer Chiefs balimaze inkundla bafuna ukuzifikel­a kumqeqeshi uSteve Komphela ngemuva kokuhlulwa kwezabo emdlalweni we-Absa Premiershi­p obuseFNB Stadium eNasrec ngoMgqibel­o ntambama Isithombe: BACKPAGEPI­X
ABALANDELI beKaizer Chiefs balimaze inkundla bafuna ukuzifikel­a kumqeqeshi uSteve Komphela ngemuva kokuhlulwa kwezabo emdlalweni we-Absa Premiershi­p obuseFNB Stadium eNasrec ngoMgqibel­o ntambama Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? SIPHESIHLE NDLOVU
SIPHESIHLE NDLOVU
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa