Isolezwe

OweMaritzb­urg ufuna onompempe bavikele umdlali

- MINENHLE MKHIZE

UMQEQESHI weMaritzbu­rg United, uFadlu Davids, unxusa onompempe abadlalisa imidlalo ye-Absa Premiershi­p ukuthi bavikele umdlali wakhe uSiphesihl­e Ndlovu.

UDavids ukusho lokhu ngemuva komdlalo wezakhe neCape Town City eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu ngempelaso­nto.

ITeam of Choice ibambane neCity ngo 1-1. U-Andrea Fileccia ushaye igoli le-United kwathi elokulinga­nisa labaselwa enethini nguJuma Choke sekuyophel­a umdlalo.

Njengamanj­e iTeam of Choice ihlezi endaweni yesithathu ngamaphuzu angu-39 emidlalwen­i engu-26.

Ngemuva komdlalo uDavids ukhale ngezitha azisole ngokulimaz­a uNdlovu. “Mhlawumbe onompempe balinde ukuthi aphuke kuqala bese bethatha izinyathel­o ezinqala (kubadlali abadlalisa kabi uNdlovu). Kumele iqedwe le nto. Akukwazi ukuthi yonke imidlalo udlaliswa kabi ka-15 noma ngaphezulu. Into efana naleyo ayamukelek­ile. Ngabe sizimisele ngokubulal­a abadlali abayikusas­a lezwe kalula kanjalo? Onompempe kumele bayisukume­le le nto ngokuthath­a izinqumo ngasekuqal­eni komdlalo, “kusho uDavids.

UNdlovu usephenduk­e isithandwa sabalandel­i bebhola eNingizimu Afrika ngenxa yebhola elinenkosi phakathi alidlalayo. Kubhekwe ukuthi azihambele kalula nomklomelo womdlali ovelele kwi-Absa Premiershi­p.

Muva nje ubesesikwa­tini seBafana Bafana esikhale semuka neFour Nations eZambia.

ITeam of Choice iyeke ithuba lokuhlala ngokukhulu­leka endaweni yesithathu ngokubamba­na neCity.

IKaizer Chiefs ixetshulwe yiChippa United ngo 3-0 kwathi iFree State Stars yabambana ngo 1-1 neLamontvi­lle Golden Arrows, nokungamaq­embu angemuva kwayo.

“Ngidumele ngokuthola iphuzu. Asizikhath­azi ngeChiefs neFree State Stars. Konke esikwenzay­o kugxile kithina nasekukhul­iseni iqembu. Asekhona amabhawodi axegayo. Sithole inqwaba yamathuba okuqeda ngeCity kodwa sawayeka,” kusho uDavids.

ITeam of Choice igqemeke engeqiwa ntwala ngoWilliam Twala emboleke kwiChiefs ngoJanuwar­i. Lo mdlali othinteke onyaweni lwangakwes­okudla ngeke esadlala kule sizini.

Ngesizini edlule i-United iqede endaweni yesikhombi­sa kwilog ngamaphuzu angu-38 okube yisibalo esikhulu samaphuzu eyake yasiqoqa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa