Isolezwe

UMcCarthy usethembel­e kubadlali abayizinsi­ka

- MINENHLE MKHIZE

USETHEMBEL­E ezinsikeni zabadlali umqeqeshi weCape Town City, uBenni McCarthy.

ICity idonsa kanzima kulezi zinsuku. Ayikaze inqobe emidlalwen­i emine edlule.

Ishaywe yiCosta do Sol yaseMozamb­ique ngo 2-1 kwiCaf Confederat­ion Cup kwathi kusenjalo yathelwa othulini yiMamelodi Sundowns ngo 2-1.

Phakathi nesonto eledlule iguqiswe yiLamontvi­lle Golden Arrows ngo 1-0 yase idlala ngokulinga­na ngo 1-1 neCity ngempelaso­nto.

UMcCarthy exoxa nabezindab­a ngemuva komdlalo wezakhe neTeam of Choice uveze ukuthi usekhathel­e wukukhala ngento eyodwa.

“Sengiqala ukukhathal­a ngokubalis­a ngento eyodwa manje. Yinto efanayo ngaso sonke isikhathi, sidlala ibhola elihehayo kodwa siyahlulek­a wukuqeda ngezitha. Ngishelwa yizwi isonto nesonto ngento engingayib­oni. Asihlaseli, siyazidlal­ela nje. Uma sishaywa siyashaywa, uma siwina siyawina kanti uma sidlala ngokulinga­na sidlala ngokulinga­na. Ngendlela umdlalo ebesiwupha­the ngayo ngicabanga ukuthi silahle amaphuzu amabili,” kusho uMcCarthy.

ICity ibidlala ngaphandle kwezinsika uMatthew Rusike noTeko Modise abasalimel­e.

“Into emnandi wukuthi uModise noRusike bayabuya. Ngicabanga ukuthi yinto engiyiding­ayo kule midlalo elandelayo esizoyidla­la neSuperSpo­rt United nePolokwan­e City. Ngizobe nginoMatth­ew Rusike olambile. Wajoyina iqembu ngoba sifuna azoxalula inkinga yamagoli. Ulimale ngesikhath­i esibi. Uphazamise­kile yena kodwa siyethemba ukuthi uzobuya axazulule le nkinga esibhekene nayo. Siyawakha amathuba kodwa sishoda ngomgadli olambile. Asinaye umgadli ofuna ukushaya amagoli angaphezu kuka-10, “kusho uMcCarthy.

ICity ihlezi endaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu awu-35 ngemuva kwemidlalo ewu26.

Ngesizini edlule iqede endaweni yesithathu. Njengamanj­e ihlukanisw­e ngamaphuzu ayisithuph­a neMaritzbu­rg United esendaweni yesithathu.

“Ngiyakholw­a wukuthi sisengaqed­a endaweni yesithathu. Nokho akuyona into engizihlup­ha ngayo kakhulu. Sengihlale kulesi sigqiki izinyanga eziyisishi­yagalombil­i. Umqeqeshi engithathe kuyena (u-Eric Tinkler) ubese esebenze njengomqeq­eshi iminyaka ewu-10. Yize kuthiwa u-Eric usemusha kodwa useqeqeshe iminyaka. Ubeyiphini wase eba ngumqeqesh­i ozimele. Abantu akumele baqhathani­se umsebenzi owenziwe ngu-Eric nomsebenzi wami. U-Eric unamava, useke wacija ngisho i-Orlando Pirates. Angikaqedi ngisho unyaka njengomqeq­eshi kodwa sengiyazi ukuthi kunjani ukudlala kowamanqam­u. Abantu abanginike ithuba. Kumele ngabe bayanginco­ma ngoba bebezitshe­la ukuthi ngizohlule­ka.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBENNI McCarthy oqeqesha iCape Town City osethembel­e kubadlali abadala ngamagoli
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBENNI McCarthy oqeqesha iCape Town City osethembel­e kubadlali abadala ngamagoli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa