UDa Gama uzimisele ukuthi iHighlands izinze kwiPremiership
UMQEQESHI weHighlands Park, u-Owen Da Gama, akafuni iqembu lakhe libe yiyoyo.
IHighlands ikhale yemuka nesicoco seNational First Division (NFD) ngemuva kokubhudluza i-University of Pretoria ngo 5-1 eMakhulong Stadium, eGoli, ngempelasonto.
Ngesizini ezayo iHighlands izobe igijima ku-Absa Premiership. Leli qembu ligawulwe yizembe esigabeni esikhulu ngesizini edlule.
“Ngeneme ngokubuyisela iHighlands Park esigabeni esikhulu. Inhloso yethu wukuthi sizinze.Into esiyibhekile wukuthi iqembu lihlale esigabeni esikhulu, lingalokhu linyuka liphinde lehle. Okuhle wukuthi manje sesinaso isipiliyoni,” kusho uDa Gama.
IHighlands isidlale imidlalo engu-18 ilandelana ingashaywa selokhu uDa Gama athatha izintambo zokuqeqesha.
“Nginenkontileka yeminyaka emibili neqembu ngakho asikho isidingo sokuthi ngithuke ngekusasa lami. Ngizimisele ngokwenza umsebenzi ofanayo nengawenza ngesikhathi ngifaka iSilver Stars esigabeni esikhulu,” kusho uDa Gama.
IHighlands ivule igebe lamaphuzu angu-16 kwiBlack Leopards ehlezi endaweni yesibili kwi-log.
Amaqembu agijima kwiNFD asezolwela ukuzibekisela indawo kuma-play off. Phakathi kwamaqembu asembangweni wamaplay off kukhona iLeopards, Real Kings, Jomo Cosmos, Witbank Spurs neTshakhuma.
“Sizohlala phansi nezikhulu zeqembu senze uhlelo lwangesizini ezayo. Uma sikhona isidingo sokuqinisa iqembu sizongena emakethe, “kusho uDa Gama.
IHighlands idle ubhedu kwiNFD ngabadlali abafana noTapuwa Kapini, Charlton Mashumba, Moeketsi Sekola, Pentjie Zulu noLindokuhle Mbatha.
Bonke laba badlali bazakhele igama kwi-Absa Premiership emaqenjini ahlukene.