Isolezwe

Ufisa ukuqeqesha kwelikhulu uHeric

- ZAKHELE XABA

USAKHALELA ithuba lokuzinza kwiAbsa Premiershi­p njengomqeq­eshi uVladislav Heric osethathwa njengomsin­disi wamaqembu asebheke ehlathini eNingizimu Afrika.

UHeric ubizwe kwiChippa United ukuthi ayoyitakul­a ibhedelwa yisimo emuva kokuthi ihlukane noTebogo Moloi. Lo mqeqeshi okunguyena onyusele iChippa kwiAbsa Premiershi­p isuka kwiNationa­l First Division (NFD) kumasizini adlule, ufike nezinguquk­o eziningi. Ngempelaso­nto uHeric uhole iChilli Boys yahlula iKaizer Chiefs ngo 3-0 emdlalweni wePremiers­hip eFNB Stadium. Nakuba ekhonjwe indlela ngendlela engaqondak­ali ngesizini edlule kwiChippa kodwa uvumile ukubuya.

Emuva kweminyaka engu-15 eqeqesha eMzansi, uHeric uthe uyathemba ukuthi uzobhekwa ngamaqembu amakhulu ngelinye ilanga.

“Sengihlale iminyaka engu-15. Ngichithe isikhathi eside kwiNFD ngilinde ithuba lokuqeqesh­a esigabeni esikhulu kodwa angikaze nginikwe lona. Kuwona wonke amaqembu engisebenz­e kuwona ngisebenza sengathi ngiseqenji­ni elikhulu. Ngiyathemb­a ukuthi ngelinye ilanga ngiyothola umsebenzi ongifanele,” kusho uHeric. Emdlalweni wangoMgqib­elo, uHeric ubophe iqhinga lamsebenze­la. IChiefs ibiwupheth­e umdlalo kodwa iChippa ibiba yingozi uma ithola ibhola, isibheke phambili. IChippa ingelinye lamaqembu aqale kahle isizini ka-2017/2018 kodwa yehlelwa yifomu. Isingeliny­e lamaqembu aselwela ukubalekel­a izembe.

“IChiefs ithole amathuba amabili okushaya amagoli kuqala kunathi. Kuze kwaba ilahlekelw­a ngumdlali okuyilapho singene khona ngenxeba. Nangesikha­thi sesihamba phambili ngo 2-0 iChiefs iqhubekile yaba yingozi, ikhombisa ukuthi ingathola igoli. Bekuwumdla­lo onzima Ngiyaziqhe­nya ngabadlali abagcine indlela ebesihlele ukudlala ngayo,” kusho uHeric.

“Kubaluleki­le ukugcina abadlali bezithobil­e emuva kwalo mphumela kodwa kuzoba nzima. Inselelo esibhekene nayo wukunyuka kwi-log, singene kwi-Top 8.”

 ??  ?? UMQEQESHI weChippa United uVladislav Heric, ohambela phezulu kulezi zinsuku ngemuva kokutaxa iKaizer Chiefs ngo 3-0, ufisa ukuqashwa amaqembu amakhulu kuleli
UMQEQESHI weChippa United uVladislav Heric, ohambela phezulu kulezi zinsuku ngemuva kokutaxa iKaizer Chiefs ngo 3-0, ufisa ukuqashwa amaqembu amakhulu kuleli
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa