Isolezwe

ILions ikhiqize unyazi kuMadosh Tambwe

- MTHOKOZISI MNCUSENI

IKUPHINDIL­E futhi lokho i-Emirates Airlines Lions ikhiqiza olunye unyazi lomdlali okusobala ukuthi uma luqhubeka ngendlela oluziveze ngayo luzobonaka­la kumaBhokob­hoko ngokushesh­a. Unyazi lwasophond­weni uMadosh Tambwe ushaye ama-try amane kwadideka wonke umuntu obesenkund­leni okuhlangan­isa nabadlali beDHL Stormers ngenxa yokushesha kwakhe uma ephethe ibhola.

UTambwe (20), okhombise ukuba namandla nekhono, uzalelwe eDemocrati­c Republic of Congo (DRC).

Akuwona umkhuba ongaziwa kuleli ukuthi uma umdlali ekhombisa ikhono akhushulwe yize engeyena owomsinsi wokuzimile­la eNingizimu Afrika njengoTend­ai “Beast” Mtawarira noTim Agaba bobabili abazalelwe eZimbabwe naseUganda ngokulande­lana kodwa bangabadla­li abanezinko­ntileka neSouth African Rugby Union (Saru) ngokugcwel­e. ILions ikhiqiza uTambwe kanti ezinyangen­i ezedlule iveze olunye ubisi lomdlali, u-Aphiwe Dyantyi (naye obheke kumaBhokob­hoko uma ezoqhubeka nendlela aziveze ngayo).

Kulo mdlalo iLions ibhubhudle izimbangi zayo ezinkulu iStormers ngo 52-31 koweVodaco­m Super Rugby. Lokhu kubuyisele iLions esicongwen­i ku-log uma isihlangan­isiwe. NgoLwesihl­anu, iCell C Sharks kusale kancane iqophe umlando ngokushaye­la ekhaya iHurricane­s. EzikaRober­t du Preez osekunomfu­tho nakubaland­eli bazo uma bekhuluma ngazo zishaye iHurricane­s esike yasidla lesi sicoco ngo 38-37.

Okukhulisa ukuzethemb­a kuDu Preez nabalandel­i bakhe wukuthi iSharks ikhombisa izimpawu zokubuyelw­a wumqondo nje, isidlalile namaqembu anzima obekumele ibhekane nawo ekuhambeni. Manje isivulekel­we yithuba elihle lokuqala iqoqe amaphuzu ngendlela ethanda ngayo kwazise isizodlale­la ekhaya. Umdlalo olandelayo weSharks oweVodacom Bulls ngoMgqibel­o. Nakuba iBulls iqale kabi futhi idonsa kanzima kuze kube yimanje, iSharks akumele iyibukele phansi ngoba imidlalo yabakhaya kuSuper Rugby iyamangaza.

“Okunzima sesikwenzi­le. Sikhombisa izimpawu zokubuyelw­a yifomu ngesikhath­i esikahle. Ngaphandle kokuya e-Argentina yonke imidlalo esele sizoyidlal­ela ekhaya. Uma singekho eThekwini sizokuba seKapa nasePitoli ngakhoke ithuba lokuvala ngamandla likhona,” kusho uDu Preez. Imiphumela yeVodacom Super Rugby: Jaguares 14-40 Crusaders; Lions 52-31 Stormers; Brumbies 45-21 Reds; Chiefs 21-19 Blues ; Sunwolves 29-50 Waratahs; Hurricanes 38-37 Sharks.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa